Umnikazi wetekisi lengozi uxolisile kwabashonelwe
USEXOLISILE emndenini yabashonelwe umnikazi wetekisi ebulale abantu abawu-20 KwaXimba ngempelasonto.
Umnikazi wetekisi okuvele ukuthi beyisebenza ngokungemthetho, uMnuz Bradley Masalla (40), uphawule ngengozi edlule nephefumulo yamakholwa awu-20 asebandleni lamaZayoni akwaNkonyane, eNyonini, ngeSonto ekuseni.
UMasalla uthe uyaxolisa emindenini ngengozi edalwe yitekisi yakhe.
“Ngiyaxolisa kakhulu ngokwenzekile. Okwamanje ngeke ngikwazi ukuphawula kabanzi ngodaba kodwa ngiyaxolisa.”
Uthe ubesevele eyile emaphoyiseni afuna ukuwadedela ukuthi enze umsebenzi wawo nomthetho usebenze ngendlela yawo.
“Kuyadabukisa kakhulu okwenzekile futhi ngiyaxolisa.”
Itekisi kuthiwa yayilayishe abantu abawu-26 esikhundleni sabawu-16.
Ikhansela lendawo, uMnuz Musa Mkhize, uthe uMasalla bamthinta emuva kokuthi kwenzeke ingozi ngeSonto wathembisa ukuthi uzofika, namanje usalindiwe.
Uthe balinde ukuthi umthetho usebenze kumshayeli wetekisi elalilayishe ngokweqile. Kukholakala nokuthi beyinamabhuleki angasebenzi.
UMkhize uthe nayizolo umnikazi wetekisi ubelokhu ebatshela ukuthi uyeza kodwa wagcina engafikanga.
UMasalla akakwazanga ukuchaza ukuthi yini emphazamisile ukuthi angafiki njengoba ebethembisile.
UMkhize udlulise amazwi enduduzo emindenini yalabo abashonile wathi selokhu kwenzeke ingozi bebelokhu bephansi phezulu besiza imindeni. Bahlangene neminyango eyehlukene ukwenza izinhlelo zokuqinisekisa ukuthi imindeni iyasekwa noma sekudlule umngcwabo ngempelasonto.
Izolo uNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Sibongeseni Dhlomo, unikele isikhathi sakhe esizana nethimba elihlinza izidumbu ukuze izidumbu zabashonile zikulungele ukufihlwa ngempelasonto. Izidumbu eziwu-18 kulezi zisemakhazeni asePinetown lapho abesiza khona uDhlomo.
UMnuz Kwanele Ncalane, okhulumela uMnyango wezokuThutha esifundazweni, uthe kulindeleke ukuthi kube nenkonzo yomngcwabo ehlanganise yonke imindeni, ngoMgqibelo.
UNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Willies Mchunu, udlulise amazwi enduduzo kwabashonelwe wathembisa ukuthi bazokwesekwa nguhulumeni.