Amaphoyisa awenzanga lutho elunywa indlebe ngekhansela elalizosocongwa
UMNGANI wekhansela le-IFP, uMnuz Patrick Duma elabulawa ngo-2011, uthi umufi wayesohlwini lwabantu ababezobulawa ngoba wayesehambisana nohlangothi lukamengameli we-NFP, uNkk Zanele Magwazwa-Msibi, esengusihlalo kazwelonke eNkatheni.
UMnuz Thokozani Dubazane (osesithombeni), oyikhansela le-IFP kuMasipala iNkosilangalibalele, eMtshezi, uthe uDuma wabulawa kusaphele inyanga eshadelwe. Uthe babesohlwini lwabantu ababezosocongwa ngoba kwakunengebhe yokuthi bazohamba nequlu labalandeli beya kwi-NFP.
Uthe bakhonjwa indlela nomufi ngoba besohlangothini olwalaziwa nge”Friends of VZ”.
“Yena wayengowesibili ohlwini lwabantu ababezobulawa. Mina ngangilele kunombolo 5. Wabulawa ekade eshade ngoDisemba 2010. Wadutshulelwa emotweni eya edolobheni eMtshezi, isibhamu satholakala phakathi kwamathanga, imoto ishayise eceleni, imoto eyamsocongwa iseceleni komgwaqo,” kusho uDubazane.
Ubethula ubufakazi kwiKhomishini kaMoerane, ephenya ngokubulawa kosopolitiki eMgungundlovu, izolo.
Uthe amaphoyisa aziswa ngaphambi kokuba uDuma asocongwe ngoba owayesetulweni lokuthi abulawe wawaluma indlebe kodwa angenza lutho.
“Amaphoyisa awazange enze lutho, yize aziswa ngokuthi uzobulawa nokuthi nemoto isisukile, kodwa akuzange kwenzeke lutho.
“Ubulawa nje sase sixoshiwe kwiIFP ngoba kuthiwa sihamba noVZ, mina ngajoyija i-NFP ngaxoshwa nakhona, ngabuye ngabuyela ngo-2016 njengoba sengiyikhansela le-IFP,” kusho uDubazane.
Ukhale nangokuthi abanye ababebulala babegqoke izinto zamaphoyisa.
“Kuyaziwa ukuthi izingubo zamaphoyisa bezithengwa ngembuzi, bakhona abebebulala begqoka izingubo zawo obekwenza abantu bangawethembi. “Kunanephoyisa elabulala ilungu leqembu phambi kwami kodwa lelo phoyisa kaliboshwanga okunalokho layiswa eGoli, lapho lisebenza khona,” kuqhuba uDubazane.
Ebuzwa ngokhomishana ukuthi ngabe udlame lwezepolitiki lungaxazululeka yini, uDubazane uthe kunzima okwamanje ngoba baningi abantu futhi abanye basusana ngoba befuna ukungena ezikhundleni. Unkosikazi kaDuma obekhona ngesikhathi uDubazane efakaza ubelokhu ebheke phansi.
Ummeli wamaphoyisa uMnuz Mthokozisi Ngcobo, ubuze uDubazane ukuthi ngabe walibika yini iphoyisa elabulala umuntu bebuka.
UDubazane uthe kunezindawo ezazingoalubhadwa abebengakwazi ukuya kuzona ekubeni kukhona isiteshi samaphoyisa.
“Amaphoyisa awasithathanga isitatimende kumina nami angiyanga ukuyobika ngoba ngisabela ukuphepha kwami. Iphoyisa aliboshwanga liyazisebenzela nje, umuntu wasinda ngeNkosi,” kusho uDubazane.
Abasolwa abathathu ababulala uDuma, badonsa odilikajele. Washiya emhlabeni izingane ezinhlanu. IKhomishini iguqile kuze kube wuMsombuluko.