Owezamanzi ukweletwa izigidigidi
UNGQONGQOSHE woMnyango wezaManzi neNhlanzeko uNkk Nomvula Mokonyane utshele amalungu ePhalamende ukuthi abanayo imali emnyangweni wakhe njengoba omasipala nezinhlangano eziphakela ngamanzi zibakweleta u-R7 billion.
Izolo uNkk Mokonyane ubeyobikela ikomiti elibhekele ukusebenza kwezimali kuhulumeni izingqinamba abhekene nazo.
Uthe ngebhadi abafani ne-Eskom ekwazi ukucima ugesi uma omasipala bengakhokhi ngoba amanzi ayisidingongqangi, bayaphoqeleka ukuphakela nomasipala abakweletayo amanzi.
Amalungu ekomiti elibhekelele ukusebenza kwemali akhale ngokuthi uNkk Mokonyane akayiphethe kahle imali emnyangweni. UNkk Mokonyane uqale wathi omasipala bakweleta u-R7billion kodwa wabuye wathi empeleni bakweleta u-R3.8 billion bese kuthi izinhlangano eziphakela omasipala amanzi zikwelete u-R3.2 billion.
“Umthetho uyasivimba ukuthi sivale amanzi komasipala abasikweletayo ngakho uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nowezeziMali uyazama ukuyilanda le mali esikweletwa yona. Ngisho omasipala bekweleta siyabanikeza amanzi,” kusho uNkk Mokonyane.
UMnuz Mkhuleko Hlengwa we-IFP uthe imali ayikho kulo mnyango futhi akukho nozinzo ngenxa yokuxoshwa kwabasebenzi.
Uthe uMqondisi Jikelele womnyango, uMnuz Dan Matshitiso obesanda kuqokwa umisiwe emsebenzini emuva kokusula kowayenguMqondisi Jikelele uNkk Margaret Diedericks naye owahamba inkontileka yakhe ingakapheli.
UNkk Mokonyake uthe uNkk Diedericks wayevele ezohamba emuva kokuyiswa komunye umnyango.
Mayelana noMatshitiso uveze ukuthi umisiwe ngenxa yokungaziphathi kahle emsebenzini futhi umsebenzi wakhe wenziwa nguMnuz Sfiso Mkhize obhekelele ezezimali kulo mnyango.