Sebenzisa isikweleti ukuzakhela umcebo
SIKHULA NGOMNOTHO
UKUBOLEKA imali ezalayo akuyona into enhle neze ngoba kukusebenzisela emuva. Yize abantu bexwayiswa ngemali ezalayo kodwa iningi liyaqhubeka licwile ezikweletini.
Ingcindezi yezikweleti inzima kakhulu kanti igcina isinomthelela omubi empilweni nasebudlelwaneni onabo nabantu.
Imfundiso ejwayelekile nesabalele ithi kufanele sikugweme ukuboleka imali ezalayo kunalokho sizifundise ukonga imali.
Kuwukuhlakanipha ukonga imali ngoba kusiza ukugwema izikweleti ukuze usebenzise imali onayo ukuthenga okudingayo.
Uma unohlelo oluphusile ukonga kungakusiza ukuzakhela umnotho ngokuhamba kwesikhathi. Ngabe lokho kusho ukuthi kufanele sihambele kude nesikweleti? Akulula ukuphendula lo mbuzo ngoba izimpendulo ziyaphikisana.
Eqinisweni izikweleti azifani. Okokuqala kuya ngokuthi uzokwenzani ngemali oyibolekayo futhi uhlela ukuyikhokha kanjani.
Okwesibili kuba ukuthi uxoxisana kanjani nebhange mayelana nenzalo ozoyikhokha. Yebo, uyakwazi ukuxoxisana nebhange ngenzalo ozoyikhokha. Ukuboleka imali ngenhloso yokwenza imali kuyindlela ewubuhlakani yokuzakhela umnotho. Isibonelo nje ukuthenga ibhilidi bese uqashisa ngalo usebenzise irenti njalo ngenyanga ukukhokha isikweleti sebhange.
Kungenjalo ungaboleka imali ukuthi uthenge imikhiqizo okuthi uma usuyidayisile ukhokhe isikweleti nenzalo yaso. Le yindlela amabhizinisi amaningi asebenza ngayo. Okusemqoka kukho konke lokhu wukuthi imali yerenti noma inzuzo yokudayisa kufanele ibe ngaphezulu kwenzalo yesikweletu. Lokhu kusho ukuthi usebenzisa imali yebhange ukwakha umnotho.
Isikweleti siwumgogodla kwezamabhizinisi. Akuvamile ukuthi umuntu onomqondo webhizinisi abe nemali eyanele yokuqala. Eqinisweni kuyabiza futhi akubona ubuhlakani ukuqala ibhizinisi ngemali yakho yonke uma ungakwazi ukuboleka imali.
Yize kungakholakali kalula kodwa wenza inzuzo eningi ngokusebenzisa isikweleti kunokusebenzisa imali yakho.
Okubalulekile ukuhlela kahle isikhathi sokukhoka nenzalo engambi eqolo. Kungenzeka ube nabatshali zimali ebhizinisini kodwa kuvamile ukuthi kudingeke isikweleti ngaphezulu ikakhulukazi uma likhula ibhizinisi.
Ngisho bona abatshali zimali baboleka imali emabhange ngenzalo ephansi ngethemba lokwenza inzuzo lapho betshale khona.
Iqiniso wukuthi umnotho wonkana uyisikweleti. Abanemali baboleka ibhange lona liboleke abadinga imali lenze inzuzo bese likhokha inzalo kulabo abalibolekile.
Enye indlela yokwakha umnotho ngesikweleti wukuxoxa nabakhiqizi bakunike impahla yebhizinisi bese ukhokha emuva kwesikhathi usudayisile.
Cishe wonke amabhizinisi amakhulu asebenza ngale ndlela. Athola imikhiqizo ngesikweleti akhokhe emuva kwezinyanga ezimbili noma ezintathu.
Izitolo zokudla ezinkulu azigcini nje ngokwenza inzuzo ngokudayisa le mikhiqizo kodwa ziphinde zenze izigidi ngenzalo eziyithola ebhange ngesikhathi zingakabakhokheli abakhiqizi.
Singasho nje ukuthi lezi zitolo zithola imali mahhala. Uhlelo lokukhokha emuva kokudayisa lufana nokuboleka imali ngaphandle kokukhokha inzalo uma nje ukhokhe ngesikhathi okuvunyelwene ngaso. Ngamafushane kuyafana nje nokuphiwa imali.
Amanye amabhizinisi amakhulu akuboleka wona imali ukuze ukwazi ukuthenga kuwona. Lokhu kuwasiza ukuthi athengise impahla eningi ngakolunye uhlangothi enze imali ngenzalo yale mali akuboleke yona.
Le ndlela yesikweleti ivame lapho kungelula ukuthola imali ebhange kanti inenzalo ethe xaxa kunaleyo yasebhange.
Yize ibiza inzalo yalolu hlobo kodwa ingaba yindlela eya emonothweni uma nje ukwazi ukumelana nenzalo nemibandela yaso isikweletu.
Ungacabanga noma yingaliphi ibhizinisi elikhulu umhlaba wonkana, maningi kakhulu amathuba okuthi linesikweleti noma lakhiwa ngesikweleti.
Yilobu budlelwano obubalulekile nokufanele uqale ukubakha. Uqala kuphi nje, uyabuza?
Ukuzakhela igama emabhange kuqala ngokukhokha izikweti zakho ngesikhathi ngokwesivumelwano. Lokhu kungaba izikweleti zasezitolo, umshwalense, imali oyibolekile nokunye. Okwesibili ukonga imali kancane kancane, lokhu kusho ukuthi uyakwazi ukuhlela imali yakho.
Ukonga imali kwenza usondelane nebhange okusho ukuqala kobudlelwano.
Ngethemba ukuthi kuyacaca ukuthi singasisebenzisa isikweletu njengethuluzi lokwakha uma nje sinomqondo ophusile webhizinisi.
Sithinte ku- 031 829 5820 noma kule- email address mfundoa@gmail. com Thumela uWhatsApp ku-083 354 8794 ujoyine UbuntuWealth group. Hheshe!