Uvele enkantolo umsolwa wesine kwelokubulawa kwabane emndenini
UVELE eNkantolo yeMantshi yaseShowe ngoMsombuluko umsolwa wesine ecaleni lokubulawa kwamalungu omndeni amane akwaNtshangase, eMatini ngaseShowe, abulawe ngasekuqaleni kwale nyanga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane uthe umsolwa uboshwe ngeSonto.
“Amaphoyisa abophe umsolwa wesine oneminyaka engu-47 okusolakala ukuthi uyathinteka esigamekweni sokubulawa kwamalungu amane omndeni wakwaNtshangase,” kusho uZwane.
Uthe kulindeleke ukuthi aphinde avele enkantolo maduze.
Ilungu lalo mndeni elingathandanga ukudalulwa lithe selokhu kwenzeke lesi sigameko, sebehlala ekubhaceni ngenxa yokusaba ukwenzakaliswa.
“Sisasaba ukubuyela ekhaya, sesihlala ezihlotsheni. Impilo ayiselula. Ngempelasonto besingcwaba umzala (uMnuz Nkanyiso Ntshangase) njengoba agcina eshonile ngemva kokulimala kabi kulesi sigameko. Siqede ukungcwaba sabuyela lapho sibhace khona,” kusho ilungu lomndeni.
Lithe umsolwa wesine oboshiwe uyaziwa futhi uyisihlobo sakhona kwaNtshangase. Nabanye abathathu ababoshwe ngaphambilini kuvela ukuthi bayizihlobo zalo mndeni.
Ngasekuqaleni kwenyanga abakwaNtshangase babenza umsebenzi wesintu wokubuyisa isihlobo ngesikhathi kuhlaselwa kushiswa indlu eyayilele amalungu omndeni esilisa amahlanu.
Abathathu bashonele endaweni yesigameko kubalwa nobekulindeleke ukuthi abe yinkosi yesizwe uMnuz Doda Ntshangase.
UNkanyiso obengcwatshwa ngempelasonto kuthiwa nguye owabiza amagama abasolwa. Omunye owalimala kulesi sigameko usasesibhedlela.