IPIRATES IVUMA UKUDAYISWA KUKANDORO
LITHE seliyoshona elayizolo i-Orlando Pirates yabe isikuqinisekisile kuPotshoza ukuthi isivumelene ngakho konke neqembu laphesheya kwezilwandle ngokudayiselana ngomgadli odabuka eZimbabwe, uTendai “Fire” Ndoro.
Ngokuthola kukaPotshoza uNdoro, oqale isizini edlule evutha amalangabi kodwa kwashabalala konke lokho sekuhambe uMuhsin Ertugral, usalelwe ukuthi aphase ukuhlolwa kwakhe kwempilo bese emenyezelwa njengomdlali omusha we-Al Faisaly yaseSaudi Arabia.
Ubengekho izolo uNdoro emdlalweni wePirates neBaroka FC ngoba lokhu kuhlolwa kwesimo sempilo yakhe kwenzeke khona izolo. I-Al Faisaly, ezinze endaweni eyaziwa ngokuthi iHarmah City, ayizange ibe nesizini enhle nyakenye. Iqede ihleli endaweni yesishiyagalolunye.
“Ngeke abe khona umgadli uNdoro emdlalweni wethu neBaroka.” Besibhalwe kanje isitatimende esikhishwe yiPirates khona izolo. Nomdlalo weBucs neBaroka ubukhona izolo ebusuku.
“Siyiqembu singakuqinisekisa ukuthi sesivumelene ngakho konke ngokudayiselana okuthinta umgadli waseZimbabwe uNdoro ne-Al Faisaly Football Club. Konke kuzocaca kahle uma uNdoro esehloliwe isimo somzimba wakhe. Lokhu kuphoqelekile ukuthi kwenziwe eSaudi Arabia,” siqhubeke kanje isitatimende esikhishwe yiPirates kwiwebsite yayo.
UNdoro, oqale kahle ngesizini edlule, ugcine eshaye amagoli awu-13 emidlalweni ewu-34 ye-Absa Premiership. Ufike kwiBucs esuka kwiMpumalanga Black Aces ngoJulayi ka-2015. endaweni efanayo, bazalwa wubaba oyedwa komama abahlukene.
UPotshoza uthukile ethola lokhu ngoba useneminyaka ekhuluma noMasilela. Ngesizini edlule ngesikhathi uMaela edlala kwiThanda Royal Zulu iqhawe belikhuluma naye kodwa kubona bobabili akekho oke waveza ukuthi bawuzalo. UMasilela uyena omdala.
UMaela oqokwe njengomdlali ovelele kowePirates neChippa United ngempelasonto, ubonge kakhulu ozakwabo ngalokhu kuqokwa yize kube wumsebenzi wakhe wokugoba ibhola elihle okunike uThamsanqa Gabuza ithuba lokuwinisa ezikaMilutin
“Micho” Sredojevic.
“Ngenxa yokuxinwa yimihlangano yeqembu angizange ngimbone kahle edlala kodwa imizuzu yokugcina ewu-20 ngimbonile,” usho kanje uMasilela ngomfowabo.
“Banomqeqeshi omusha ngakhoke ukuqala kwakhe umdlalo kuyizinkomba zokuthi kukhona okuhle abakubona kuyena. Ngiyaziqhenya ngaye nangendlela adlale ngayo ngoba akulula ukudlala okokuqala eqenjini elikhulu njengePirates.”
Ngokusho kwezingane zandawonye, isikhathi esiningi zikhuluma ezingcingweni kodwa uma zinethuba lokubonana ubuso nobuso ziyalisebenzisa. Zithi kuningi ezixoxa ngakho kusukela ebholeni, izimpahla zokugqoka nezomndeni. esiqhamuka kuChiefs.
UBarry Ramunenyiwa, okhulumela iLeopards, utshele uPotshoza izolo emini ukuthi uNtshangase useqede yonke into neBaroka. “ILeopards ithanda ukuqinisekisa ukuthi uSiphelele Ntshangase usedayiselwe iBaroka FC. Simfisela inhlanhla empilweni yakhe yebhola. Asingabazi ukuthi uzofika enze kahle eqenjini lakhe elisha,” kusho uRamunenyiwa. UNtshangase bese kuphele isikhathi eside ehlanganiswa naMakhosi. Ngeledlule kuke kwavela nokuthi kungenzeka asayine neChiefs kwazise iqembu belisebenza kanzima ukuze limthole. Ngaleso sikhathi iLeopards ibilokhu ikusho njalo ukuthi ayikaze ithole lutho oluqhamuka kuChiefs. Amakhosi akukona okokuqala ukuthi afike afune umdlali kodwa ekugcineni avumbuke kwelinye iqembu.