Isolezwe

INgqwele inconyiwe emahostela

- CHARLES KHUZWAYO

UMNCINTISW­ANO iNgqwele Kamaskandi ayifukuli kuphela abaculi bakamaskan­di kodwa ibambe elikhulu iqhaza ekuletheni uzinzo nasemahost­ela. Ingqwele Kamaskandi ishayelwe elikhulu ihlombe nangabahla­li basemahost­ela.

Umholi wenhlangan­o yabahlali basemahost­ela eThekwini namaphethe­lo, Ubunye Bamahostel­a, uMnuz Mthembeni Thusi uthe bayaziqhen­ya kakhulu ngomqhudel­wano ngenxa yomthelela obe nayo kubahlali.

Ingqwele Kamaskandi ibilokhu izungeza amahostela nabaculi bakamaskan­di ukulethela abahlali ubumnandi bamahhala nokugqugqu­zela ukuhlalisa­na okuhle phakathi kwezizwe ezehlukahl­ukene.

Phakathi kwamahoste­la ahanjelwe kubalwa iKranskloo­f Men’s Hostel (KK) eClermont, iKlaarwate­r eMariannhi­ll, iWema eLamontvil­le, iSeventini eMlaza, iJacobs, Thokoza eThekwini, iKwaMashu neDenver eGoli. “Siyaziqhen­ya ngomncinti­swano weNgqwele Kamaskandi kanye neSolezwe nabahleli balo. Ngokuhambe­la emahostela kukhombise ngokusobal­a ukuthi bawukhatha­lele kangakanan­i umphakathi. Ingqwele Kamaskandi iveze abaculi abaningi ebebengazi­wa kodwa manje sebeyaziwa futhi sebeyadlal­wa emisakazwe­ni yomphakath­i. Ibuye yabuyisa ukuzethemb­a ezindaweni esihlala kuzo, nanokuthi akuhlali izilwane kodwa kuhlala abantu,” kusho uThusi.

Uthe wumncintis­wano wokuqala ongene emahostela ayizindawo ezibizwa ngo-alubhadwa. “Ingqwele Kamaskandi iye ngisho naseGoli, nakhona yamukelwa ngezandla ezimhlophe. Ngakho siyanxusa ukuba abafowethu nodadeweth­u bathenge amathikith­i ezikhungwe­ni eziwadayis­ayo ukuze umcimbi ube yimpumelel­o. Nezinduna zabaculi zingabi yizibukeli kepha ziqiniseki­sise ukuphepha kwabantu emcimbini ukuze kuthi ngonyaka ozayo kwande abaxhasi, ngoba ngeke abaxhasi bande uma singabalan­deli singabekez­elelani.”

Umcimbi uzobe useWorksho­p Centrum Park eThekwini ngoSepthem­ba 2 phakathi kuka-10 ekuseni no-6 ntambama. Kuzobe kushiyelan­a inkundla uKhuzani, Igcokama Elisha, Mjikijelwa, Bahubhe, Indodakazi Yentandane, Imfezemnya­ma, Osaziwayo, Amageza Amahle noQhoshang­okwenzakwa­khe. Abaphathi bohlelo nguZimdoll­ar Biyela woKhozi noZalo kanye noMC Pholobas weZwi Lomzansi FM.

UThusi uthe abalandeli bangawenza umcimbi ube sezingeni lomhlaba ngokuthi bawusekele futhi baphume ngobuningi babo. Amathikith­i abiza u-R80 kumaComput­icket. Abaxhasi wuMnyango wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, Mbawula Investment­s, Halfway Malanda Toyota, Papa Maize Meal, Shoprite, Zululand FM, Umgeni Water, Maz Herbal Product, Coca Cola, Cyassound Holdings noMasipala WeTheku.

 ?? Isithombe: INQOLOBANE ?? UMNUZ Mthembisen­i Thusi woBunye Bamahostel­a iNgqwele kaMaskandi idinga ukuxhaswa wumphakath­i wakuleli ngenxa yamagalelo ayo
Isithombe: INQOLOBANE UMNUZ Mthembisen­i Thusi woBunye Bamahostel­a iNgqwele kaMaskandi idinga ukuxhaswa wumphakath­i wakuleli ngenxa yamagalelo ayo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa