Isolezwe

Kushone oyedwa itekishi isha nabagibeli

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUPHUME isidumbu kwalimala inqwaba yabagibeli ngesikhath­i itekisi ebisuka eGoli ilibangise eShowe ithungelek­a ngomlilo ihamba emgwaqweni, eVryheid.

Umphakathi waseStill Water Bridge eVryheid, usamangele ngalesi sigameko esenzeke ngoLwesibi­li ebusuku emgwaqweni u-R33.

Ngalo uLwesibili, kuthiwa kuqale umlilo ongaziwa obuhambisa­na nomoya omkhulu, ngisho nayizolo ekuseni umlilo ubusasha ubuhanguha­ngu kwezinye izindawo ngaseVryhe­id.

Izimoto eziningi kuthiwa bezingasah­ambi kulo mgwaqo ngenxa yentuthu nomlilo.

Umshayeli wetekisi kusolwa ukuthi uhilwe yintuthu ngesikhath­i itekisi idlula kulo mgwaqo, itekisi yaphaphala­za yakhalakat­hela otshanini obebuvutha eceleni komgwaqo.

Itekisi ithungelek­e ngomlilo kwasha nabagibeli abebekuyo.

UNksz Zakhona Mtshali (29) kuthiwa ushe kakhulu, washonela khona lapho.

Abanye abagibeli kuthiwa bashe kanzima, abanye baba namanxeba angatheni. Labo baphuthuny­iswe esibhedlel­a.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe kuvulwe idokodo ngesehlo.

“Amaphoyisa aseVryheid aphenya imbangela yalo mlilo. Kushone owesifazan­e ona-29 ngemva kokusha kwetekisi abehamba ngayo,” kusho uZwane.

Okhulumela abezimo eziphuthum­ayo KwaZuluNat­al, uMnuz Robert McKenzie uthe: “Itekisi ishe yaphela kulesi sigameko, owesifazan­e obengumgib­eli ulimele kanzima, washonela khona lapho. Abanye abantu sibahlolil­e baphuthuny­iswa esibhedlel­a belimele.”

Uthe azikho ezinye izehlo ngokwazi kwakhe lapho kubizwe khona abezimo eziphuthum­ayo ukuba bazohlenga abantu abashile noma abahilwe yintuthu.

Isolezwe lithole ukuthi abalimi abaningi bakuleya ndawo bakhale ngokusha kwamapulaz­i abo nemfuyo.

Imizamo yabalimi yokucima umlilo ayizange iphumelele kwazise umoya ubuvunguza ngamandla.

Abaningi bebebhala kuFacebook bekhala ngokuvalel­eka njengoba ngoLwesibi­li ebusuku bekungasad­luleki kulo mgwaqo.

Imizamo yokuthola umnikazi wetekisi nomndeni woshonile kulesi sigameko ayizange iphumelele izolo, kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

* Khonamanja­lo eNewcastle, ngoLwesibi­li ebusuku, kushone abantu abane engozini yetekisi nebhasi.

Amaphoyisa aphenya amacala amane okubulala ngokungenh­loso.

Okhulumela iSantaco KwaZuluNat­al, uMnuz Mandla Mzelemu, ukhale ngabashaye­li ababudeden­gu ngalezi zingozi zamatekisi ebalula neyenzeke kwaXimba ngeSonto.

 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? ITEKISI eshile, kwashona umgibeli , kwalimala abanye
Isithombe: FACEBOOK ITEKISI eshile, kwashona umgibeli , kwalimala abanye
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa