Isolezwe

I-DA ayiyiniki lutho iMeya yeTheku

- PHILI MJOLI

IMEYA yeTheku isolwa ngokuba ngundlovuk­ayiphikisw­a ogxambukel­a ekuphathwe­ni kwayo yonke iminyango.

Lezi zinsolo ziqhamuke ne-DA ngesikhath­i ihlaziya izinsuku ezingu-365 iMeya uNkk Zandile Gumede esehhovisi.

UMnuz Zwakele Mncwango, umholi we-DA, uthe selokhu kufike uNkk Gumede sekusule izikhulu eziningi zeminyango ehlukene kanye nabasebenz­i abaningi abanamakho­no kulo mkhandlu.

“Nyakenye imeya yaqamba amanga ngokukhulu­lwa kowayeyime­nenja yalo mkhandlu uMnuz Sibusiso Sithole enkontilek­eni yakhe yathi wazicelela yena ukukhululw­a. Ngemuva kwesikhath­i uSithole wakuphika lokhu wathi uphoqiwe ukuthi ashiye. Kwasuswa uMnuz Musa Mbhele owayeyiphi­ni lakhe kuphendlel­wa intandokaz­i kaNkk Gumede uMnuz Phillip Sithole. Siyazi ukuthi uMbhele wasuswa ngoba wanqaba ukusayina amaphepha e-Essence Festival,” kusho uMncwango.

Uthe konke lokhu uNkk Gumede ukwenza ngoba efuna ukuzizwa ukuthi unamandla futhi uphethe wonke umuntu kulo masipala.

Uqhube wathi imeya yephula imigomo nemithetho okumele ilandelwe.

“Muva nje imise iNhloko yoMnyango wamaPaki nokuNgcebe­leka, uMnuz Thembinkos­i Ngcobo ingayiland­elile imigomo. UNgcobo uye enkantolo, yanquma ukuthi akuhoxiswe ukumiswa kwakhe. Abakhokhi bentela kumele bakhokhe lezi zindleko zasenkanto­lo, baphinde bakhokhele umcimbi wokuhlanga­niswa kwezinhlan­ga ezahlukene iSocial Cohesion owamiswa,” kusho uMncwango.

Uthe imeya kumele ifunde ukwehlukan­isa phakathi kwepolitik­i nokuphathw­a komkhandlu ngoba uma ingakwenzi lokhu umkhandlu uzowa.

Uthe selokhu kungene uNkk Gumede esikhundle­ni sobumeya imibiko mayelana nokusebenz­a kwemali iyafihlwa.

“Ukungacaci­swa kwendlela imali esebenza ngayo yikho okuzokwenz­a ukuthi umasipala uwe. Imeya ishintshe zonke izinhlelo zokwakha ebeziseqhu­lwini ngenhloso yokuthi kuvuleke amathuba omsebenzi. Bekunohlel­o lokwakhiwa kwebhilidi elide kunawo wonke eThekwini obelusesig­abeni esibalulek­ile. Njengoba sekuphethe uNkk Gumede, selusesiga­beni sesithathu ezintweni ezimqoka okumele zenziwe okusho ukuthi alusabalul­ekile. Ukwenze lokhu ngoba efuna ukushintsh­a yonke into,” kusho uMncwango.

UMnuz Mthunzi Gumede okhulumela imeya yeTheku ephendula kulezi zinsolo uthe uNkk Gumede uzoba nesithanga­mi nabezindab­a ngoLwesith­athu lapho ezochaza khona ngomsebenz­i asebewenzi­le njengoba sekuphele unyaka esehhovisi.

“Kuningi osekwenziw­e yimeya ngalesi sikhathi. Yebo zikhona izingqinam­ba ezibe khona kodwa uNkk Gumede uzimisele ukufeza zonke izethembis­o ezenziwe yi-ANC ngesikhath­i ikhankasel­a ukhetho. I-DA iphethwe ngumona ngobuholi obukhonjis­we yiMeya yeTheku,” kusho uGumede.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa