Isolezwe

Kubulawe owekomiti lokuthula eGlebe Hostel

- LUNGI LANGA

KUBULAWE owayengeli­nye lamalungu ekomiti lokuthula ehostela laseMlaza, iGlebeland­s.

Lo mlisa (38,) okuthiwa wayeyilung­u lekomiti lokuthula, udutshulwe wabulawa ngoLwesibi­li ebusuku.

Okhulumela amaphoyisa uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisek­isile ukuthi amaphoyisa aphenya ngalesi sigameko.

“Kuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyis­a saseMlaza emuva kokuthi umlisa edutshulwe wabulawa ngabantu abangaziwa emuva kwehora lesishiyag­alolunye ebusuku. Isizathu sokubulawa kwakhe asikaziwa okwamanje,” kusho uZwane.

Unxuse abangaba nolwazi ngobugeben­gu obenziwa kuleli hostela ukuthi basebenzis­ane namaphoyis­a bawabikele ngabakwazi­yo.

UZwane uthe amaphoyisa asebenza ubusuku nemini ukuqapha ezokupheph­a kuleli hostela. Uthe kukhona nesiteshi samaphoyis­a esikhona esingasets­henziswa umphakathi.

Umthombo ohlala ehostela ocele ukuthi igama ligodlwe, uthe lo mlisa ohlala ezitezi ezindala wayeyilung­u lekomiti lokuthula kodwa washiya emuva kokuthi kuvele abathile kulezi zitezi bethi babengaham­bisani nokusungul­wa kwekomiti nemizamo yokuletha uxolo ehostela.

Omunye umhlali uthe ngeke athi wayeseyeki­le ekomitini ngoba wayeyile emhlanganw­eni wokugcina wekomiti.

“Ubengumunt­u obevame ukuxoxa nawo wonke umuntu nalabo abakulezi ezinye izitezi,” kusho umhlali.

Uthe bathola ukuthi kukhona ababebize umhlangano bethi bazobulala amadoda angu-10 nowesifaza­ne oyedwa ngoba bethi bathutha izindaba njengoba kusanda kubulawa uNkk Sibongile Mtshali (53) athe kwavela ukuthi wayesolwa ngokuba yimpimpi.

Ngokusho kwesishosh­ovu esilwa nodlame, uNksz Vanessa Burger ukubulawa kwalo mlisa sekwenze safinyelel­a ku-93 isibalo sabantu ababulewe ehostela kusuka kuqale uthuthuva.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa