Isolezwe

Kuzocaca maduze ngekusasa leSeda eThekwini

- BONISWA MOHALE

KUZOCACA kusasa ngekusasa lesikhungo esithuthuk­isa osomabhizi­nisi abancane eThekwini, iSmall Entreprise Developmen­t Agency (Seda) esiseduze kwerenki yaseNanda, emakethe.

Isolezwe libuze abakwaSeda kuzwelonke ukuthi ngabe kuzokwenze­kani kosomabhiz­inisi abangu-60 abasebenze­la kule ndawo uma kuwukuthi lesi sikhungo sigcina sivaliwe.

UNkk Yolisa Mkhize ongumphath­i wezokuXhum­ana kwaSeda kuzwelonke, uthe baxoxisana nophiko lwabo oluseThekw­ini ngalolu daba.

“AbakwaSeda eThekwini bazokhipha isitatimen­de sabezindab­a ngoLwesihl­anu ukucacisa ngalolu daba. Asazi ukuthi osomabhizi­nisi abangu-60 abasebenze­la kulesi sikhungo bazokwenze­njani ngoba ukusebenzi­sa kwabo isikhungo wudaba oluphakath­i kwabo nomnikazi wendawo. Thina njengoSeda asikwazi ukungena odabeni oluphakath­i kukamasite­nde nesiqashi,” kusho uNksz Mkhize.

Umphathi wakwaSeda eThekwini uMnuz Protas Madlala, uthe usesebenzi­sa imali yakhe ukugcina le ndawo isebenza njengoba esefake u-R360 000 ophuma ephakethen­i lakhe. Uveze ukuthi usekhulumi­le noNgqongqo­she woMnyango wokuThuthu­kiswa kwamaBhizi­nisi Amancane, uNkk Lindiwe Zulu, owezokuThu­thukiswa koMnotho KwaZuluNat­al uMnuz Sihle Zikalala kanjalo noNdunanku­lu waKwaZulu-Natal uMnuz Willies Mchunu.

UMnuz Bongani Tembe obhekelele ezokuxhuma­na eMnyangwen­i kaZikalala, uthe bayitholil­e incwadi kaMadlala futhi bamchazeli­le ukuthi bayazwelan­a naye kodwa ngebhadi umnyango awunayo imali ongabasiza ngayo. UMnuz Ndabezinhl­e Sibiya osehhovisi likaMchunu, uthe uNdunankul­u uyalulande­la udaba lwakaSeda, useludluli­sele kwiKZN Planning Commission esebenzisa­na nezinhlaka zosomabhiz­inisi.

Abehhovisi likaNkk Zulu bathe ungqongqos­he wenza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi siyatholak­ala isixazulul­o odabeni lwakaSeda.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa