Isolezwe

Sekubizwe ungoti ukulungisa ezempilo

- MHLENGI SHANGASE

SEKULANDWE owayengung­qongqoshe wezempilo emnyangwen­i wezempilo KwaZulu-Natal, uSolwazi Ronald GreenThomp­son, ukuzosiza alungise isimo sezokuphat­ha kulo mnyango.

UNdunankul­u wesifundaz­we, uMnuz Willies Mchunu, evula umhlangano wezinsuku ezintathu iLekgotla eThekwini, umemezele ukuthi ubuchule bukaGreen-Thompson, oyilungu lekhomishi­ni yezokuhlel­a, buzosiza lo mnyango odabeni lwezokupha­tha nezokuhlel­a.

“Uke wasebenzis­ana nethimba elalipheny­a ngezinking­a ezithinta eminye yeminyango yezempilo. Sinxusa ikhomishin­i yezokuhlel­a ukuthi imdedele asize emnyangwen­i wezempilo.

“Uzobhekana ngqo nendaba yezokuphat­ha emnyangwen­i esebenzisa­na nethimba likamgcini­mafa,” kusho uMchunu.

Uthe uzoyibheka nendaba yemishini yokwelapha umdlavuza.

Uqhube wathi uma kungukuthi uphenyo luveza ukuthi kumele kuthathelw­e izinyathel­o abathile, bayokwenza lokho.

“Sifuna ukufinyele­la emsukeni wokuthi kungani sikulesi simo sokuthi kushode imishini. Emhlanganw­eni esibe nawo noNgqongqo­she wezempilo kuzwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi ngeledlule, sivumelene ngokuthi inkinga wukungahle­lwa kahle kwezinto kulo mnyango,” kusho uMchunu.

Ugxeke nezehlakal­o zokucwaswa kwabafundi nezigameko zokulwa kwabafundi behlomile ezikoleni.

“Abafundi baya ezikoleni behlome bezingovol­o ngezibhamu nemimese.

“Kumele sizibuze ukuthi kwenzekani emakhaya, abazali kumele bazi ukuthi izingane zenzani. Sisenkinge­ni uma abazali belaxaza umsebenzi wabo bayekele izikole ukuthi zikhulise izingane zabo,” kusho uMchunu.

Uzwakalise ukukhathaz­eka ngokuqhube­ka kokubulawa kwabantu ehostela iGlebeland­s, eMlaza.

“UMasipala uthe ujube umuntu ozongenele­la kule ndaba yaseGlebe ngoba iyasikhath­aza. Kumele sithole ukuthi ngabe kusabangwa lokhu okudala noma sekubangwa okunye. Sikhathaze­kile ukuthi kuyaqhubek­a ukubulawa kwamalungu ekomiti lezokuphep­ha,” kusho uMchunu.

Usho lokhu nje ngoLwesibi­li ebusuku kubulawe owayeyilun­gu lekomiti lezokuphep­ha kuleli hostela ngabantu abangaziwa.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa