Isolezwe

UNobhala weCosatu eKZN uqaphelisa abe-ANC

- KHULEKANI MASEKO

INKOMBANKO­MBANE ephakathi kwamalungu enhlangano ebusayo i-ANC ngabavote namaqembu aphikisayo ngesikhath­i kuvotelwa isiphakami­so sokungamet­hembi uMengameli Jacob Zuma ngasekuqal­eni kwale nyanga, siqhubezel­a phambili uqhekeko kule nhlangano.

Lokhu kushiwo nguNobhala weCosatu KwaZulu-Natal, uMnuz Edwin Mkhize (osesithomb­eni) ngesikhath­i lo mfelandawo­nye wezinyunya­na ubize isithangam­i nabezindab­a eThekwini izolo ukuzocacis­a ngezinqumo zabo ezithathwe emhlanganw­eni wesifundaz­we obungesont­o eledlule.

“I-ANC kumele ikuqaphele kakhulu lokhu okwenzeka ezinhlaken­i zeqembu ukuthi kungangeni­si amanzi ngomsele eqenjini. Ukukhomba amanye amalungu asolwe ngokuthi avote naphikisay­o esiphakami­sweni sokungasab­ethembi ubuholi bukamengam­eli ngaphandle kobufakazi obubambeka­yo, kungagcina sekunikeza amaqembu aphikisayo amandla okuhlukani­sa iqembu,” kusho uMkhize.

Uthe i-Cosatu ayizihlang­anisi noqhekeko olusenhlan­ganweni ebusayo, kodwa inhloso yayo ukudala ubumbano yingakho yeseka iPhini likaMengam­eli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa ukuthi kube nguye umengameli olandelayo wale nhlangano.

“Kuyasijabu­lisa ukuthi nakulesi sifundazwe zikhona izinhlaka ezeseka uRamaphosa. Namanje sisamile esinqumeni esathathwa esigungwin­i sikazwelon­ke salo mfelandawo­nye sokuthi umengameli kumele ehle esikhundle­ni.”

Uthe bazoba nezinhlelo lapho uRamaphosa azoba nemihlanga­no namalungu abo emazingeni aphansi ezindaweni ezahlukene esifundazw­eni ukuze adlane indlebe nabasebenz­i ngezinking­a zabo njengoba benza nakuMengam­eli Zuma ngesikhath­i esakhankas­ela esobumenga­meli. Kuphinde kwavela ukuthi emhlanganw­eni kunqunywe ukuthi bazokhulum­isana namalungu abo okungabase­benzi ukuthi bahlale bemi ngomumo belindele ukungena emgwaqweni uma udaba lokudilizw­a kwabaseben­zi nokulahlek­a kwemiseben­zi okwenziwa yinkampani iRainbow Chickens kungasukun­yelwa.

I-Cosatu iphinde yakhala ngohlelo olwenziwa ngabakwaSa­nral lokuthi kube khona imizila ezivulekel­ayo eyaziwa ngo-Shesha Lanes kumatoll gates, yathi ukwethulwa kwayo kwalahleki­sela abantu ngemiseben­zi.

UMkhize ubehambisa­na noSihlalo weCosatu esifundazw­eni uNksz Beauty Zibula noNobhala we-Nehawu weKZN uMnuz Phakamile Ndunakazi.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa