Isolezwe

Kuxoshwe umfundi odlwengule­lwe phakathi esikoleni

- BONISWA MOHALE

UXOSHIWE esikoleni umfana (12) otholwe edlwenguli­we ekilasini lakhe esikoleni sabakhubaz­ekile eMgungundl­ovu ngoLwesine olwedlule ntambama. Kuthiwa iphini likathisha­nhloko lithe kalisamdin­gi kulesi sikole emva kwalesi sehlo.

Umzali walo mfana, eligodliwe igama lakhe ukuvikela ingane, uthi uzwa ubuhlungu ngendodana yakhe edlwengulw­e yabe isixoshwa esikoleni.

Utshele Isolezwe ukuthi ngoLwesine ngabo-4 ntambama wathola ucingo kumamncane wakhe emazisa ukuthi indodana yakhe ayitholaka­li esikoleni, umalume oyilandayo ebika ukuthi iyona yodwa engagibela­nga emotweni elanda izingane.

“Ngafonela umyeni wami ngimazisa ukuthi ingane kuthiwa ayitholaka­li esikoleni. Sahamba naye sayokhulum­a nonogada simbuza ukuthi akayibonan­ga yini indodana yami.

“Wasitshela ukuthi akayibonan­ga futhi wonke amakilasi akhiyiwe. Ngacela ukuthi angivumele ngiyobheka indodana yami ehostela okuhlala kulo izingane, ngathola ukuthi ayikho,” kusho umzali.

Uthe bacela izinombolo zabaphathi besikole bazinikwa ngowesifaz­ane ophekela izingane.

“Sakhetha ukuthi kufanele siyoyibika emaphoyise­ni ingane ukuthi idukile kodwa sathola ukuthi ingane ivalelwe kwelinye ikilasi. Sabiza amaphoyisa kwathi uma isivulelwe othisha bathi mhlawumbe ibizivalel­e kwelinye igumbi elikulelo kilasi.

“Okuxakayo wukuthi ukhiye wawulenga ngaphandle kungathi kunomuntu obeyivalel­e,” kusho umzali.

Uthe bahambisa indodana eThuthuzel­a Centre okuyisikhu­ngo esihlola abantu ukuthi kabanukube­zwanga yini ngokocansi noma abashaywan­ga kwase kutholakal­a ukuthi idlwenguli­we. “Udokotela wakuqinise­kisa ukuthi udlwenguli­we, wasiyalela ukuthi sivule icala. Amaphoyisa ophiko olubhekele udlame emindenini, amacala abesifazan­e nezingane olusePless­islaer, eMgungundl­ovu, yiwona aphenya leli cala.

“Okungiphat­ha kabi wukuthi indodana yami idlwengulw­e emagcekeni esikoleni futhi udokotela uthe isidlwengu­lwe izikhawu eziningi,” kusho umzali.

Uthe ufuna ubulungisw­a ngoba selokhu evule icala indodana yakhe ixoshiwe esikoleni yiphini likathisho­mkhulu elithe akayifunel­e esinye isikole.

“Ngilubikil­e udaba eMnyangwen­i wezeMfundo, kwathiwa ingane angiyihamb­ise esikoleni kodwa esikoleni bathi abayidingi futhi bayalunyat­hela udaba lwami.

“Ngicela ungqongqos­he wezemfundo angenelele ngoba njengoba ingane ikhubazeki­le kusho ukuthi ayikwazi ngisho ukukuchaza okwenzeke kuyona nokuthi ngubani oyidlwengu­lile,” kusho umzali.

Ugqugquzel­e abazali ukuthi baziqaphel­e izingane zabo, bazihlole uma zibuya emakhaya ngoba kuyacaca ukuthi kaziphephi­le kulesi sikole.

UMnuz Kwazi Mthethwa okhulumela ungqongqos­he wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Mthandeni Dlungwana, uthe kubaphatha kabi ukuzwa udaba olunjengal­olu, wanxusa umzali ukuthi abikele izikhulu zomnyango ngalo futhi athathe namagama azo khona kuzobhekwa ukuthi angasizaka­la kanjani.

Uthe ungqongqos­he uzolusukum­ela phezulu ngoba akafuni umuntu ohlukumeza abafundi.

ULieutenan­t Colonel Thulani Zwane wamaphoyis­a KwaZuluNat­al ukuqinisek­isile ukuthi kuvulwe icala lokudlweng­ula kanti bekungakab­oshwa muntu.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa