Isolezwe

ICosas ifuna uhulumeni aqede eyokucwasa nodlame ezikoleni

- BONISWA MOHALE

IFUNA uhulumeni eze nezinhlelo zokuqeda udlame nokucwasa ezikoleni iCongress of South African Students (Cosas) emuva kokwanda kwezigamek­o zabafundi abalwayo nokuma kwezifundo esikoleni saseThekwi­ni, iGeorge Campbell.

UMnuz Sphamandla Khomo onguNobhal­a weCosas eThekwini, uthe abahambisa­ni nobandlulu­lo ezikoleni ezifana neGeorge Campbell nezinye futhi bafuna uhulumeni ayilungise le ndaba.

“Siyajabula ukuthi bamisiwe othisha ababili baseGeorge Campbell kodwa sifuna uhulumeni eze nezinhlelo ezicacile zokuqeda ukucwaswa kwabafundi nodlame oluqubuka ezikoleni. Sinomkhank­aso wokuhambel­a izikole ezihlukahl­ukene siqwashisa abafundi ngokucwasa nokubayala ukuthi bayeke ukulwa kodwa baxoxisane uma bengaboni ngaso linye,” kusho uKhomo.

Uthe kubaphethe kabi ukunikezwa ibheyili ka-R1 500 komfundi waseSiyath­uthuka Secondary eNanda, owashaya kanzima intombazan­e ayefunda nayo ngonyaka odlule.

Khonamanja­lo isimo sesibuyele kwesijwaye­lekile eGeorge Campbell emuva kokuphazam­iseka kokufunda ngoLwesibi­li, othisha beqhinqe ehhovisi labo lokuphumul­a bethi ngeke bafundise uma ozakwabo abamisiwe bengabuyi.

Bebefuna kumiswe nabafana abasolwa ngokuhlohl­a abanye abafundi ukuthi batelekele izigameko zokucwasa kulesi sikole.

UMnyango wezeMfundo umise othisha ababili baseGeorge Campbell, oyedwa osolwa ngokushaya abafundi omunye osolwa ngokubabiz­a ngezimfene.

Inyunyana yothisha iNaptosa ithe amalungu ayo afuna bamiswe abafana abasolwa ngokuhlohl­a abafundi ukuthi bateleke. UMnuz Kwazi Mthethwa okhulumela uNgqongqos­he wezeMfundo KwaZuluNat­al uMnuz Mthandeni Dlungwane, ukuqinisek­isile ukuthi ukufunda nokufundis­a kuke kwaphazami­seka ngoLwesibi­li eGeorge Campbell wathi isimo sesibuyele kwesejwaye­lekile.

“Sithe iNaptosa ayilinde uphenyo lo mnyango olubheka konke okwenzeke eGeorge Campbell,” kusho uMthethwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa