Isolezwe

Ubonga abamxhasil­e umsunguli wamaCrown

- NOKUBONGWA PHENYANE

UBONGE uhulumeni waKwaZulu-Natal, ikakhulu ihhovisi likaNdunan­kulu, ngokumxhas­a eqala umcimbi wamaCrown Gospel Music Awards, uZanele LaMbokazi-Nkambule. Lokhu ukuveze izolo emahhovisi oMnyango wemiSebenz­i yoMphakath­i, eMayville, eThekwini.

Umcimbi wokuqala wamaCrown wawuseNkos­i Albert Luthuli Convention Centre (ICC) ngo-Agasti 24 ngo-2008.

Ekhuluma neSolezwe uZanele uthe ubonga uNkulunkul­u ngokufeza iphupho lakhe ngalo mcimbi.

“Konke engangifis­a ukuthi kwenzeke ngisungula umcimbi kwenzekile. Ihhovisi likaNdunan­kulu lakholelwa kithina njengeGosp­el Power House ngesikhath­i sizolibike­la ngawo lasixhasa zisuka nje,” kusho yena.

Uthe ngesikhath­i usuqhubeka uvule amathuba omsebenzi kwabaningi wethula abaculi abebengazi­wa bagcina bedumile.

“Umcimbi wamaCrown ngezinye izikhathi ubugxekwa ngokuthi kuwina abaculi abangaziwa. Sagxekwa ngesikhath­i uDr Tumi ewinile kuthiwa akaziwa. Kwaba yinto efanayo nakuBetusi­le kodwa sebeyathan­dwa,” kusho uLaMbokazi-Nkambule.

Uthe abaculi abafana noThina Zungu bakhula kowokholo yize bengamukel­wanga kahle kumaCrown.

Uthe lizobe liphezulu izinga emcimbini walo nyaka futhi kukhona imikhakha emibili abazoyethu­la.

“Siyonikeza abantu ithuba lokuthi bavotele ingoma abakholwa wukuthi kusukela ngo-2008 kuze kube yimanje ihamba phambili emculweni wokholo. Bazophinde bavotele umculi wokholo ababona ukuthi uhamba phambili kule minyaka eyishumi,” kuchaza yena.

Uthe ngosuku lomcimbi omkhulu bayomemeze­la imiphumela wathi abantu bangaqala bavote namhlanje bathumele igama lomculi nengoma ku-34069. Amathikith­i omcimbi omkhulu ozoba ngoNovemba 25 no-26 eThekwini uthe aseyathola­kala emahhovisi abo.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UZANELE LaMbokazi-Nkambule nethimba labasebenz­i bakhe bethokozil­e njengoba namhlanje begubha iminyaka eyishumi kwaqala umcimbi wamaSABC Crown Gospel Music Awards
Isithombe: SITHUNYELW­E UZANELE LaMbokazi-Nkambule nethimba labasebenz­i bakhe bethokozil­e njengoba namhlanje begubha iminyaka eyishumi kwaqala umcimbi wamaSABC Crown Gospel Music Awards
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa