Ubonga abamxhasile umsunguli wamaCrown
UBONGE uhulumeni waKwaZulu-Natal, ikakhulu ihhovisi likaNdunankulu, ngokumxhasa eqala umcimbi wamaCrown Gospel Music Awards, uZanele LaMbokazi-Nkambule. Lokhu ukuveze izolo emahhovisi oMnyango wemiSebenzi yoMphakathi, eMayville, eThekwini.
Umcimbi wokuqala wamaCrown wawuseNkosi Albert Luthuli Convention Centre (ICC) ngo-Agasti 24 ngo-2008.
Ekhuluma neSolezwe uZanele uthe ubonga uNkulunkulu ngokufeza iphupho lakhe ngalo mcimbi.
“Konke engangifisa ukuthi kwenzeke ngisungula umcimbi kwenzekile. Ihhovisi likaNdunankulu lakholelwa kithina njengeGospel Power House ngesikhathi sizolibikela ngawo lasixhasa zisuka nje,” kusho yena.
Uthe ngesikhathi usuqhubeka uvule amathuba omsebenzi kwabaningi wethula abaculi abebengaziwa bagcina bedumile.
“Umcimbi wamaCrown ngezinye izikhathi ubugxekwa ngokuthi kuwina abaculi abangaziwa. Sagxekwa ngesikhathi uDr Tumi ewinile kuthiwa akaziwa. Kwaba yinto efanayo nakuBetusile kodwa sebeyathandwa,” kusho uLaMbokazi-Nkambule.
Uthe abaculi abafana noThina Zungu bakhula kowokholo yize bengamukelwanga kahle kumaCrown.
Uthe lizobe liphezulu izinga emcimbini walo nyaka futhi kukhona imikhakha emibili abazoyethula.
“Siyonikeza abantu ithuba lokuthi bavotele ingoma abakholwa wukuthi kusukela ngo-2008 kuze kube yimanje ihamba phambili emculweni wokholo. Bazophinde bavotele umculi wokholo ababona ukuthi uhamba phambili kule minyaka eyishumi,” kuchaza yena.
Uthe ngosuku lomcimbi omkhulu bayomemezela imiphumela wathi abantu bangaqala bavote namhlanje bathumele igama lomculi nengoma ku-34069. Amathikithi omcimbi omkhulu ozoba ngoNovemba 25 no-26 eThekwini uthe aseyatholakala emahhovisi abo.