Isolezwe

Kuzothunga­thwa umethuli we-Our Perfect Wedding

- NOKUBONGWA PHENYANE

ISITESHI esisakaza uhlelo lwemishado, i-Our Perfect Wedding, iMzansi Magic (DStv channel 161), sizothunga­tha umethuli omusha walolu hlelo.

Izindaba zivele izolo ngemuva kwembiko ethi umethuli walo okhona manje uThembisa Mdoda uyashiya kulo.

UBongiwe Potelwa-Metsing, weMzansi Magic, uthe uThembisa uyashiya kulolu hlelo njengoba inkontilek­a yakhe iphela maduzane.

“Sizokhipha isitatimen­de esizocacis­a konke ngokushiya kukaThembi­sa. Kodwa maduze sizohambel­a amadolobha ahlukene sithungath­a umethuli wohlelo,” kusho yena.

UThembisa ushayele uhlelo ngemuva kukaTumi Morake, owayethula isizini yesihlanu.

UThembisa ube ngumethuli wokuqala ukwethula isizini walo isikhathi eside.

Kamuva nje isikhala sakhe sike sabanjwa nguJessica Nkosi noNomsa Buthelezi ngaphambi kokuthi abuye futhi ekhefini lakhe.

UThembisa ubesezakhe­le ugazi kubathandi bohlelo kangangoku­ba uma isikhala sakhe sike savalwa ngomunye umethuli bekuba nokukhonon­da.

Into ebithandwa ngabalande­li ngaye wukugqoka kwayo ngoba ubeyidla indwangu futhi yonke into abeyigqoka ibimfanela.

Lokhu bekuchaza abantu abaningi abangabala­ndeli bohlelo ngisho abesilisa.

Muva nje uthando lwakhe luphinde lwakhula kubabukeli balo ngemuva kokuba wusizo komunye umshado owawukhonj­iswa eThekwini umakoti engalingwa­na yingubo yakhe yomshado.

Abantu bathatheka kakhulu yindlela uThembisa aba wusizo ngayo futhi bancoma ubuntu nozwela analo.

Abafuna ukuzama inhlanhla yomethuli wohlelo kumele kube ngoneminya­ka engu-25, nangaphezu­lu, abe owakuleli.

Kusuka ngo-Septemba 2, intsha yase-East London ingaya ePremier Hotel Regent bese kuvalwa eGoli ngoSeptemb­a 16, eThe Pyramid.

 ??  ?? THEMBISA MDODA
THEMBISA MDODA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa