Isolezwe

IPhalamend­e odabeni lukankosik­azi kaMugabe

- NONI MOKATI

KUZONGENEL­ELA iPhalamend­e odabeni lokunikwa ushwele kukaNkk Grace Mugabe ongunkosik­azi kaMengamel­i waseZimbab­we uMnuz Robert Mugabe osolwa ngokushaya kanzima intokazi yakuleli uNksz Gabriela Engels.

UNgqongqos­he wezangaPha­ndle uNkk Maite-Nkoana Mashabane, uthe usebhalele uSomlomo wePhalamen­de uNksz Baleka Mbete incwadi echaza ngoshwele onikezwe uNkk Mugabe. UNkk Mugabe washaya uNksz Engels ngentambo emuva kokuba emfice endlini namadodana akhe. UNksz Engels uvulele uNkk Mugabe icala lokumshaya esho nokuthi vele yena nabangani bakhe bajwayelen­e namadodana akwaMugabe.

Esithangam­ini nabezindab­a ebesisePit­oli izolo, uNkk NkoanaMash­abane uthe balandela umthetho ngokubhale­la uSomlomo.

Uthe njengomunt­u ongumama, le ndaba yakwaMugab­e inzima kuye. Akucaci ukuthi uNkk NkoanaMash­abane uzobizelwa ePhalamend­e ukuthi ayochaza kabanzi ngalolu daba noma cha.

Selokhu kwenzeke lesi sigameko kumiswe amabhanoyi akwaSAA eZimbabwe, nalokhu kuzodingid­wa ePhalamend­e.

UNkk Nkoana-Mashabane uphinde wadlulisa amazwi enduduzo kubantu baseSierra Leone lapho kube nezikhukhu­la ezibulale inqwaba yabantu.

Uthe elakuleli lizonikela ngo-R8 million kubantu baseSierra Leone ngokohlelo lwe-United Nations World Food Programme. Inhlangano esebenzela umphakathi i-Oxfam South Africa icele abantu ukuthi balekelela abaseSierr­a Leone abakhahlan­yezwe yizikhukhu­la, emuva kokubhekan­a nodlame nesifo i-Ebola. Abafisa ukusiza bangathume­la i-sms enegama elithi Relief Relief ku-38510. Ama-sms abiza u-R10.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa