Isolezwe

I-SAA idinga ukutakulwa ngoR13 billion

- INTATHELI YESOLEZWE

ININGIZIMU Afrika ikhokha u-R3.5 billion ngonyaka ukuqasha amabhanoyi asetshenzi­swa yiSouth African Airways (SAA). Ayisishiya­galolunye kuphela amabhanoyi ale nkampai angaphansi kukahulume­ni, angu-51 abolekwa kwezinye izinkampan­i.

Lezi zindaba zivezwe yiPhini likaNgqong­qoshe wezeziMali kuleli, uMnuz Sfiso Buthelezi, izolo ngesikhath­i ekhuluma namalungu ekomidi elibhekele ukusebenza kwezimali kuhulumeni.

I-SAA ifuna ukutakulwa ngoR10 billion kanti amalungu ekomidi elibhekele ukusebenza kwezimali, abuzile ukuthi kungani le nkampani ihlale itakulwa.

UButhelezi uthe kubaluleki­le ukuthi kutakulwe iSAA ngoba ngeke kube kuhle uma izwe lingasenaw­o amabhanoyi alo.

“Sezibe khona iziphakami­so zokuthi iSAA idayiselwe izinkampan­i ezizimele kodwa asihambisa­ni nazo ngoba uMnyango wezeziMali awusoze uvume ukuthi izwe lingabi nenkampani yamabhanoy­i,” kusho uButhelezi.

USihlalo weBhodi lakwaSAA, uNkk Dudu Myeni, uthe banezikwel­etu ezifinyele­la kuR6.8 billion futhi uma betakulwa bazoyiland­ela yonke imiyalelo yephalamen­de njengoba benzile uma libacela ukuthi baqoke isikhulu esiphezulu.

“Isikhulu esiphezulu sizoqala ukusebenza ngoSepthem­ba kanti abantu esibakwele­tayo bavumile ukwandisa isikhathi. Isikhulu esiphezulu esizongena kwaSAA nguMnuz Vuyani Jarana, owazakhela udumo ngokuletha inzuzo kwaVodacom.”

USihlalo wekomidi elibhekele izimali kuhulumeni uMnuz Themba Godi, ubuzile ukuthi uma iSAA itakulwa ngoR8 billion izoshintsh­a kanjani indlela eziphethe ngayo. UNkk Myeni uthe badinga u-R13 billion.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa