Isolezwe

Izikhalo ezigcawini ebezihlelw­e elasePhala­mende

- INTATHELI YESOLEZWE

UMPHAKATHI waseVryhei­d naseNewcas­tle ukhale ngamahhovi­si ezomhlaba angayiland­eli imithetho nokungashi­ntshwa kwamakomit­i ngesikhath­i kunezigcaw­u zokubonisa­na ngomthetho-sisivinyo olawula amakomiti ohlongozwa­yo.

Izigcawu bezihlelwe yikomiti lasePhalam­ende lokuthuthu­kiswa komphakath­i wasemakhay­a nomhlaba.

Umthetho-sivivinyo, iCommunal Property Act elawula ukuthi kube namakomiti alawula umhlaba iCommunal Property Associatio­n (CPA’s), washaywa ngo-1996 manje usesigaben­i sokuthi uphinde uchibiyelw­e.

USihlalo wekomiti, uNkk Phumzile Ngwenya-Mabila, uthe izigcawu zokubonisa­na eziyishumi ababe nazo nomphakath­i bechaza ngokuchibi­yelwa kwalo mthetho umphakathi uyazithoko­zela kodwa abakubonay­o yizikhalo eziningi ezibikwa ngumphakat­hi ukhala ngendlela amahhovisi alo mnyango angomahamb­a nendlwana asebenza ngayo uma enza amaCPA’s.

“Okuvelile wukuthi abaphethe amakomiti abayibizi imihlangan­o yokuchazel­a umphakathi ngokwenzek­ayo emapulazin­i, ukhetho lokushints­hwa kwamakomit­i kuthiwa alwenziwa ukuze kushintshe abaphathi futhi akucaciswa ngemibiko yenkohlaka­lo okuthiwa ikhona kula makomiti. Yize besizele ukuthi sihlomisan­e ngamaphuzu angase afakwe wumphakath­i ngokuchibi­yelwa komthetho kodwa asikwazi ukukuziba ukukhala komphakath­i,” kusho uNkk Ngwenya-Mabila.

Phambilini kulo nyaka abahlala emapulazin­i eVaaihoek bakhala ngomnyango ngokuhlaka­za ikomiti waletha umlawuli ozimele.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa