Isolezwe

UGumede usola ipolitiki ngokudliwa komhlaba

- BONISWA MOHALE

IMEYA yeTheku uNkk Zandile Gumede isola ipolitiki ngezigamek­o zokudliwa komhlaba kamasipala okwenzeka ezindaweni ezihlukene kuleli dolobha.

UNkk Gumede uthe kunosomath­uba abafake umkhandlu enkantolo ngoba befuna ukuwuvimba ukuthi udilize imijondolo eyakhiwa ngokungemt­hetho.

Uthe bangu-241 abantu abafake uMasipala weTheku enkantolo okukhona kubo abenhlanga­no Abahlali baseMjondo­lo, abantu baseMansen­seni eDassenhoe­k, abakha imijondolo eBonela nabanye.

Ngempelaso­nto, amaphoyisa nophiko olubhekele­le ukudliwa komhlaba kuMasipala weTheku bebesebenz­a kanzima bediliza imijondolo eBonela kanti ngoMsombul­uko abantu baseMarian­nridge bavale umgwaqo ngamathayi avuthayo namatshe ngoba befuna umasipala uyeke ukudiliza imijondolo yabo emhlabeni abathi babethenji­swe ukwakhelwa kuwo izindlu.

“Kufanele sithole isixazulul­o kule nkinga yokudliwa komhlaba ukuze ingaphazam­isi izinhlelo zentuthuko. Siyabacela abantu bayeke ukudla umhlaba ngoba kuphazamis­eka izinhlelo zentuthuko ezoba sezindawen­i ezihlukene,” kusho uNkk Gumede.

Ugqugquzel­e abantu ukuthi bangapheli amandla babike labo abadla umhlaba ezindaweni zabo ukuze kuqedwe lo mkhuba.

Uthe nabasebenz­i bakwaMasip­ala weTheku abathintek­ayo ekudliweni komhlaba bazoqondis­wa ubugwegwe.

Inhloko yoPhiko lwezokuXhu­mana kuMasipala weTheku uNksz Tozi Mthethwa, ithe umhlaba awukho eThekwini ngakho bayakhatha­zeka njengoba zanda izigameko zokudliwa kwawo.

Uthe bazobhekan­a nale nkinga baqiniseki­se ukuthi uyavikelwa umhlaba kamasipala belandela umthetho.

Ubalule ukuthi bazolulung­isa ngokuxoxis­ana nezinhlaka ezihlukene abale kuzo amaphoyisa, osolwazi kwezokuhla­liswa kwabantu, izinhlanga­no ezisebenze­la umphakathi nabanye.

Uthe umasipala uzimisele ukuqeda imijondolo eThekwini akhele abantu izindlu ezizobabuy­isela isithunzi sabo.

Abadlelwa umhlaba bangabika ku-031 311 4220, 031 3114 702, 031 311 4667/9 noma 031 311 4701.

Uphiko lwezokuphe­pha kumasipala lutholala ku-031 311 4699 naku-079 821 8879.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa