UGumede usola ipolitiki ngokudliwa komhlaba
IMEYA yeTheku uNkk Zandile Gumede isola ipolitiki ngezigameko zokudliwa komhlaba kamasipala okwenzeka ezindaweni ezihlukene kuleli dolobha.
UNkk Gumede uthe kunosomathuba abafake umkhandlu enkantolo ngoba befuna ukuwuvimba ukuthi udilize imijondolo eyakhiwa ngokungemthetho.
Uthe bangu-241 abantu abafake uMasipala weTheku enkantolo okukhona kubo abenhlangano Abahlali baseMjondolo, abantu baseMansenseni eDassenhoek, abakha imijondolo eBonela nabanye.
Ngempelasonto, amaphoyisa nophiko olubhekelele ukudliwa komhlaba kuMasipala weTheku bebesebenza kanzima bediliza imijondolo eBonela kanti ngoMsombuluko abantu baseMariannridge bavale umgwaqo ngamathayi avuthayo namatshe ngoba befuna umasipala uyeke ukudiliza imijondolo yabo emhlabeni abathi babethenjiswe ukwakhelwa kuwo izindlu.
“Kufanele sithole isixazululo kule nkinga yokudliwa komhlaba ukuze ingaphazamisi izinhlelo zentuthuko. Siyabacela abantu bayeke ukudla umhlaba ngoba kuphazamiseka izinhlelo zentuthuko ezoba sezindaweni ezihlukene,” kusho uNkk Gumede.
Ugqugquzele abantu ukuthi bangapheli amandla babike labo abadla umhlaba ezindaweni zabo ukuze kuqedwe lo mkhuba.
Uthe nabasebenzi bakwaMasipala weTheku abathintekayo ekudliweni komhlaba bazoqondiswa ubugwegwe.
Inhloko yoPhiko lwezokuXhumana kuMasipala weTheku uNksz Tozi Mthethwa, ithe umhlaba awukho eThekwini ngakho bayakhathazeka njengoba zanda izigameko zokudliwa kwawo.
Uthe bazobhekana nale nkinga baqinisekise ukuthi uyavikelwa umhlaba kamasipala belandela umthetho.
Ubalule ukuthi bazolulungisa ngokuxoxisana nezinhlaka ezihlukene abale kuzo amaphoyisa, osolwazi kwezokuhlaliswa kwabantu, izinhlangano ezisebenzela umphakathi nabanye.
Uthe umasipala uzimisele ukuqeda imijondolo eThekwini akhele abantu izindlu ezizobabuyisela isithunzi sabo.
Abadlelwa umhlaba bangabika ku-031 311 4220, 031 3114 702, 031 311 4667/9 noma 031 311 4701.
Uphiko lwezokuphepha kumasipala lutholala ku-031 311 4699 naku-079 821 8879.