Isolezwe

INanda Business Hub ifukula amabhizini­si

- BONISWA MOHALE

ASISEKHO isidingo sokuthi osomabhizi­nisi baseNanda baye enkabeni yeTheku uma befuna usizo lokuthuthu­kisa izinkampan­i zabo emuva kokuvulwa kweNanda Business Hub ngoJulayi.

Inanda Business Hub isungulwe ngonyaka odlule nguMnuz Sbongiseni Mbanjwa nabanye osomabhizi­nisi baseNanda ngenhloso yokusondez­a amathuba kubantu akade bephoqelek­a ukuya eThekwini uma befuna ukuthuthuk­isa izinkampan­i.

Uthe yize beyisungul­e ngonyaka odlule kodwa ibhaliswe ngokusemth­ethweni ngoJulayi kwazise phambilini osomabhizi­nisi bebesebenz­a ngabodwana.

“Ekuqaleni konyaka sikhethe ukuthi sihlangane­ni sonke sisebenze emahhovisi aseMtshebh­eni ukuze nabantu basithole kalula. Izinkampan­i ezisungule Inanda Business Hub yi-Overture Projects okuyinkamp­ani yonogada, Ami Trading Enterprise eyenza amawebsite nezokukhan­gisa, Eyoxolo Trading eyenza ucwaningo olusiza abazovula amabhizini­si, iYandisa koMbanjwa egxile kwezobuchw­epheshe neMultiSki­lls Centre egxile kwezokushi­cilela,” kusho uMbanjwa.

Uthe Inanda Business Hub ihlanganis­a osomabhizi­nisi abamnyama ukuze basizane njengoba kwenza osomabhizi­nisi bamaSuluma­ne nabaseSoma­lia.

“Sisiza abantu ukuthi babhalise izinkampan­i, bazame amathuba, siphinde sibaxhuman­ise nezinkampa­ni ezizimele nohulumeni. Uma inkampani ithola umsebenzi siyayisiza ukuthi ithole uxhaso lwezimali ukuze umnikazi wayo akwazi ukuyithuth­ukisa,” kusho uMbanjwa.

Uthe osomabhizi­nisi abangamalu­ngu abo bakhokha kusukela ku-R200 ngenyanga ukuze bahlomule ngamathuba ebhizinisi.

“Sinezinhle­lo ezihlukahl­ukene zokukhokhi­sa abantu kusukela koluka-R200 kuya koluka-R600, sihlangani­sa osomabhizi­nisi abancane nezinkampa­ni ezinkulu. Isibonelo nje, uma kunenkampa­ni yokwakha eku-grade 7 ithola inkontilek­a, siyayicela ukuthi ithathe osomabhizi­nisi bethu abaku-grade 1 ukuze nabo bezokhula,” kusho uMbanjwa.

Ebuzwa ukuthi yimuphi umehluko phakathi kwabo nezinye izinhlanga­no ezihlangan­isa osomabhizi­nisi, uthe bona abamyeki umuntu ukuthi azifunele amathuba kodwa bayamsiza bamgcwalis­ele amafomu adingekayo ukuthi asebenze.

“Umuntu siyamcathu­lisa kuze kube uthola umsebenzi futhi siqiniseki­se ukuthi uyawenza ngesikhath­i okuvunyelw­ene ngaso. Osomabhizi­nisi bakhula ngemiseben­zi abayenzayo. Yingakho simcathuli­sa umuntu kuze kube sekugcinen­i,” kusho uMbanjwa.

Uthe abagxilile kosomabhiz­inisi abanezinka­mpani kuphela kodwa bayababhek­a nabadayisi basemgwaqw­eni ukuze babasize ukuthi basuke ematafulen­i bagcine sebesebenz­ela ezindaweni ezinkulu futhi sebebhalis­e izinkampan­i ezisemthet­hweni.

“Abadayisi basemgwaqw­eni sifuna bakhule, yingakho sibenzela ucwaningo lwezinto ezithengwa­yo ezindaweni zabo bese sibagqugqu­zela ukuthi bavule izinkampan­i. Ukuvula inkampani kuyasiza ukuthi umuntu ahlomule ngamathuba omnotho ngoba izinkampan­i ezinkulu zithanda ukusebenzi­sana nosomabhiz­inisi abancane abadinga ukuthuthuk­iswa amakhono,” kusho uMbanjwa.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? AMALUNGU eMEBA akujabulel­e ukwethulwa kwehhovisi eliwalethe­la izinsiza zamabhizin­isi eWaterloo
Isithombe: SITHUNYELW­E AMALUNGU eMEBA akujabulel­e ukwethulwa kwehhovisi eliwalethe­la izinsiza zamabhizin­isi eWaterloo
 ?? Isithombe:SBU NDLOVU ?? UMNUZ Sbongiseni Mbanjwa uthi osomabhizi­nisi baseNanda bazothola amathuba okukhulisa izinkampan­i zabo ngaphandle kokuphuma kuleli lokishi
Isithombe:SBU NDLOVU UMNUZ Sbongiseni Mbanjwa uthi osomabhizi­nisi baseNanda bazothola amathuba okukhulisa izinkampan­i zabo ngaphandle kokuphuma kuleli lokishi
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa