Umkami usengincisha inkonzo yasekamelweni muva nje
EZOTHANDO
UMBUZO: Sesineminyaka emithathu sishadile nomkami. Ngiyazifela ngaye. Umkhuba engingawuthandi kusukela ezinyangeni eziyisishagalolunye ezedlule, useqala ukungincisha inkonzo yasekamelweni. Usehlezi enezizathu ezehlukene ezichaza ukuthi kungani singayi ocansini. Angikaze ngingathembeki nakanye nje kuye. Ngemuva komshado sasiya ocansini kathathu noma kane ngeviki. Kodwa manje kuyazithulela nje. Uma kwenzekile siya kanye emaviki amabili, ngesinye isikhathi inyanga iyaphela.
Thokoza, Montclaire
Impendulo: Kuyajabulisa ukwazi ukuthi uyamthanda umkakho. Ukungayijabuleli inkonzo yasekamelweni emva kwesikhathi nishadile akuyona into ethusayo. Noma kunjalo, akuyona into ekufanele uyijwayele emshadweni wakho. Kuningi okudala umuntu wesifazane angafuni ukuya ocansini nokwenziwa ukungenami emoyeni noma empilweni nje. Ukukhuluma kwenu kufanele kuhlanganise nendlela angajabulela ngayo ukuya ocansini. Xoxisanani ungamlwisi, nikhulume nje, ngoba okunye okungasiza ukuya kochwepheshe bodokotela ukuyohlola isifo esibizwa nge-hypoactive sexual desire disorder.
Umbuzo : Umyeni wami unokubonisa ukungangikhathaleli neze. Unokunyamalala njalo emva komsebenzi, angaluphenduli nocingo uma ngimthinta. Uma ebuya uvele angitshele ukuthi ubephelelwe yibhethri ocingweni lwakhe. Senginokungamethembi ngale sisenzo sakhe.
Zanele, Ntuzuma
Impendulo: Ukushada kuchaza ukuthi impilo yakho usuyiphila nomunye umuntu, akusewena nje wedwa. Kubalulekile ukuthi umyeni wakho akwazi lokhu. Ukungatholakali kwakhe ocingweni akuchazi nje ukuthi kukhona akwenzayo eceleni kodwa sekwaba khona nezingozi ngakho kubalulekile ukuthi ukwazi ukumthola ocingweni ngaso sonke isikhathi. Ake nilukhulume lolu daba ubone ukuthi alukho yini ushintsho. Ningahlanganisa abadala uma engashintshi.
Umbuzo: Ngifonelwe owesifazane engazisa ngokuthandana kwakhe nomyeni wami nokuthi ukhulelwe ingane yakhe. Umyeni wami akaphikanga uma ngimbuza ngalokhu. Angazi ngenzenjani ngalesi simo. Le ndaba yokukhulelisa komyeni wami iyangidla ngaphakathi. Angazi noma ngihlale kulomshado noma ngihambe. Kodwa futhi uma ngihamba kuzokwenzekani ngezingane zami? Nomfundo, Richards
Bay Impendulo: Umshado wakhiwa ukuhloniphana. Kuyamangaza ukuthi lo wesifazane uyithathephi inombolo yakho yocingo aze akwazi ukukufonela. Zibuze lowo mbuzo. Kubili ongakwenza. Ungahlala emshadweni wakho uxolele futhi ubuyisane nomyeni wakho ngalokhu akwenzile impilo iqhubeke. Noma ungaphuma emshadweni nomuntu ongakhombisi ukukuhlonipha njengonkosikazi wakhe. Kubalulekile futhi nokubonana nodokotela wezengqondo ngoba izinto ezinjengalezi zigcina zikwenza uzibone ungenkosikazi walutho. Kubalulekile ukuzelapha wena kuqala ngaphambi kokuthi uthathe isinqumo esingashintsha impilo yakho yonke.
Umbuzo: Ngicela ukubuza ukuthi kuyinkinga yini ukuthi sinomyeni wami sihambe amasonto ahlukene? Mina ngisindisiwe, yena usahamba la masonto akudala. Sinokushayisana ngendlela esibuka ngayo impilo. Lokhu sekunomthelela omubi emshadweni wethu ngoba ngeSonto siphuma sibheke ezindaweni ezahlukene. Izingane zinokuhamba naye kwamanye amaSonto ngamanye zihambe nami.
Busi, eMlaza
Impendulo: Lokhu hamba amaSonto ahlukene kuzodala ukungaboni ngaso linye ekhaya, ikakhulukazi ezinganeni ngoba azisazi zona ukuthi zibheke ngakuphi. Kuyasijabulisa ukwazi ukuthi uyabubona ubungozi bokungakholelwa entweni eyodwa njengomndeni. Thina sikholelwa ekutheni noma sikhonza uNkulunkulu oyedwa kodwa kubalulekile ukuthi njengomndeni nihambe isonto elilodwa ukuze nithole izimfundiso ezifanayo kungabi khona ukuphambana ngendlela enibuka ngayo impilo. Futhi uma ushada njengowesifazane ushadela kubo kamyeni okuchaza ukuthi wena njengomakoti uzokhonza lapho bekhonza khona. Ngaphandle makungukuthi nihlala phansi nivumelane nomyeni wakho ukuthi nonke niye kokhonza esontweni lakho. Kumele kube yisinqumo senu nonke njengomndeni hhayi isinqumo soyedwa phakathi kwenu. Ukuya esontweni elilodwa nabantwana benu kukhombiza ukubambisana naphambi kwabantwana futhi kuba indlela emnandi yokuqinisa ubudlelwano phakathi kwenu.
Hlalani phansi niyixoxe le njengomndeni. Okusalayo kuzomele nivumelane ngokuthi yiliphi isonto enizovumelana ngalo nina nobabili. Mangabe umyeni wakho engazimisele ukushiya elakhe ibandla sibona kungcono wena ubuye uzokhonza naye ukuze kubengcono isimo ekhaya.