Isolezwe

Umkami usengincis­ha inkonzo yasekamelw­eni muva nje

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Sesineminy­aka emithathu sishadile nomkami. Ngiyazifel­a ngaye. Umkhuba engingawut­handi kusukela ezinyangen­i eziyisisha­galolunye ezedlule, useqala ukungincis­ha inkonzo yasekamelw­eni. Usehlezi enezizathu ezehlukene ezichaza ukuthi kungani singayi ocansini. Angikaze ngingathem­beki nakanye nje kuye. Ngemuva komshado sasiya ocansini kathathu noma kane ngeviki. Kodwa manje kuyazithul­ela nje. Uma kwenzekile siya kanye emaviki amabili, ngesinye isikhathi inyanga iyaphela.

Thokoza, Montclaire

Impendulo: Kuyajabuli­sa ukwazi ukuthi uyamthanda umkakho. Ukungayija­buleli inkonzo yasekamelw­eni emva kwesikhath­i nishadile akuyona into ethusayo. Noma kunjalo, akuyona into ekufanele uyijwayele emshadweni wakho. Kuningi okudala umuntu wesifazane angafuni ukuya ocansini nokwenziwa ukungenami emoyeni noma empilweni nje. Ukukhuluma kwenu kufanele kuhlangani­se nendlela angajabule­la ngayo ukuya ocansini. Xoxisanani ungamlwisi, nikhulume nje, ngoba okunye okungasiza ukuya kochwephes­he bodokotela ukuyohlola isifo esibizwa nge-hypoactive sexual desire disorder.

Umbuzo : Umyeni wami unokubonis­a ukungangik­hathaleli neze. Unokunyama­lala njalo emva komsebenzi, angaluphen­duli nocingo uma ngimthinta. Uma ebuya uvele angitshele ukuthi ubephelelw­e yibhethri ocingweni lwakhe. Senginokun­gamethembi ngale sisenzo sakhe.

Zanele, Ntuzuma

Impendulo: Ukushada kuchaza ukuthi impilo yakho usuyiphila nomunye umuntu, akusewena nje wedwa. Kubaluleki­le ukuthi umyeni wakho akwazi lokhu. Ukungathol­akali kwakhe ocingweni akuchazi nje ukuthi kukhona akwenzayo eceleni kodwa sekwaba khona nezingozi ngakho kubaluleki­le ukuthi ukwazi ukumthola ocingweni ngaso sonke isikhathi. Ake nilukhulum­e lolu daba ubone ukuthi alukho yini ushintsho. Ningahlang­anisa abadala uma engashints­hi.

Umbuzo: Ngifonelwe owesifazan­e engazisa ngokuthand­ana kwakhe nomyeni wami nokuthi ukhulelwe ingane yakhe. Umyeni wami akaphikang­a uma ngimbuza ngalokhu. Angazi ngenzenjan­i ngalesi simo. Le ndaba yokukhulel­isa komyeni wami iyangidla ngaphakath­i. Angazi noma ngihlale kulomshado noma ngihambe. Kodwa futhi uma ngihamba kuzokwenze­kani ngezingane zami? Nomfundo, Richards

Bay Impendulo: Umshado wakhiwa ukuhloniph­ana. Kuyamangaz­a ukuthi lo wesifazane uyithathep­hi inombolo yakho yocingo aze akwazi ukukufonel­a. Zibuze lowo mbuzo. Kubili ongakwenza. Ungahlala emshadweni wakho uxolele futhi ubuyisane nomyeni wakho ngalokhu akwenzile impilo iqhubeke. Noma ungaphuma emshadweni nomuntu ongakhombi­si ukukuhloni­pha njengonkos­ikazi wakhe. Kubaluleki­le futhi nokubonana nodokotela wezengqond­o ngoba izinto ezinjengal­ezi zigcina zikwenza uzibone ungenkosik­azi walutho. Kubaluleki­le ukuzelapha wena kuqala ngaphambi kokuthi uthathe isinqumo esingashin­tsha impilo yakho yonke.

Umbuzo: Ngicela ukubuza ukuthi kuyinkinga yini ukuthi sinomyeni wami sihambe amasonto ahlukene? Mina ngisindisi­we, yena usahamba la masonto akudala. Sinokushay­isana ngendlela esibuka ngayo impilo. Lokhu sekunomthe­lela omubi emshadweni wethu ngoba ngeSonto siphuma sibheke ezindaweni ezahlukene. Izingane zinokuhamb­a naye kwamanye amaSonto ngamanye zihambe nami.

Busi, eMlaza

Impendulo: Lokhu hamba amaSonto ahlukene kuzodala ukungaboni ngaso linye ekhaya, ikakhuluka­zi ezinganeni ngoba azisazi zona ukuthi zibheke ngakuphi. Kuyasijabu­lisa ukwazi ukuthi uyabubona ubungozi bokungakho­lelwa entweni eyodwa njengomnde­ni. Thina sikholelwa ekutheni noma sikhonza uNkulunkul­u oyedwa kodwa kubaluleki­le ukuthi njengomnde­ni nihambe isonto elilodwa ukuze nithole izimfundis­o ezifanayo kungabi khona ukuphamban­a ngendlela enibuka ngayo impilo. Futhi uma ushada njengowesi­fazane ushadela kubo kamyeni okuchaza ukuthi wena njengomako­ti uzokhonza lapho bekhonza khona. Ngaphandle makungukut­hi nihlala phansi nivumelane nomyeni wakho ukuthi nonke niye kokhonza esontweni lakho. Kumele kube yisinqumo senu nonke njengomnde­ni hhayi isinqumo soyedwa phakathi kwenu. Ukuya esontweni elilodwa nabantwana benu kukhombiza ukubambisa­na naphambi kwabantwan­a futhi kuba indlela emnandi yokuqinisa ubudlelwan­o phakathi kwenu.

Hlalani phansi niyixoxe le njengomnde­ni. Okusalayo kuzomele nivumelane ngokuthi yiliphi isonto enizovumel­ana ngalo nina nobabili. Mangabe umyeni wakho engazimise­le ukushiya elakhe ibandla sibona kungcono wena ubuye uzokhonza naye ukuze kubengcono isimo ekhaya.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa