Isolezwe

Sithemba ukuthi uManyi akenziwa isichuse

-

NGOMSOMBUL­UKO umndeni wakwaGupta umemezele ukuthi usuzidayis­ile izinkampan­i zawo zabezindab­a, iNew Age ne-ANN 7.

Bathe bazidayise­le uMnuz Mzwanele Manyi owake wakhulumel­a iKhabhinet­hi. Bathe lezi zinkampani bazidayise ngoR450 million kanti bazosebenz­isa indlela yokuboleka umuntu imali ebizwa nge-vendor financing. Lokhu kusho ukuthi bazoboleka uManyi imali yokuzithen­ga lezi zinkampani bese eyikhokha kancane kancane iminyaka emihlanu.

Lesi simemezelo sisuse inkulumomp­ikiswano njengoba kukhona abasishaye­le ihlombe bethi lokhu kuzoletha uguquko ekuphathwe­ni kwezinkamp­ani zabezindab­a njengoba iningi lazo lisasezand­leni zabamhloph­e. Abebencoma bathe lokhu kusho inqubekela phambili kumuntu omnyama futhi kufanele wonke umuntu ameseke uManyi. Kodwa kukhona nabanye abakhale ngokuthi yinto engekho lena eyenziwayo ngoba kubonakala sengathi abakwaGupt­a bashaya izwe ngemfe iphindiwe ngoba izinkampan­i zisazoqhub­eka kube ngezabo kuphela nje uManyi wenziwa isichuse.

Abangayizw­isisi kahle le ndaba bathi abakwaGupt­a benzela nokuthi baqhubeke bakwazi ukusebenza kahle ngoba sekulukhun­i ukuqhuba amabhizini­si abo kuleli kusukela amabhange anquma ukuthi awasezukus­ebenzisana nabo.

Bathi uma izinkampan­i sekuthiwa ngezikaMan­yi kuzonyusa amathuba okuthi ziphinde zikwazi ukusebenzi­sana namabhange.

Esifisa bakuqikele­le nje esivumelwa­neni sabo ukubhekele­la imisebenzi yabantu abaqashwe yilezi zinkampani njengoba bethembele kuyo imisebenzi yabo. Sifisa nokuthi uManyi asigcine isethembis­o sakhe sokuthi ngeke agxambukel­e emsebenzin­i wezintathe­li, uzoziyekel­a ziwenze ngokukhulu­leka nangokulan­dela imigomo yobuntathe­li.

Ukube kuthiwa abantu abathintek­ayo kulokhu kudayisela­na abantu abaziwayo ngokuba osomabhizi­nisi abenza izinto ngokuthemb­eka ngabe impela sibaningi sishaya izandla ngoba khona uguquko olunqala luyadingek­a kwabezinda­ba.

Kodwa kukhona okunuka santungwan­a ngalokhu kudayisela­na, asithembe nje ukuthi ngeke kuxhashazw­e imali yabakhokhi bentela.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa