Isolezwe

Ake unwetshwe umgwaqo KwaXimba

-

MHLELI: Ngizwakali­sa ubuhlungu ngenhlekel­ele eyenzeke KwaXimba okuthiwa kuse Number 9 edlule nemiphefum­ulo eminingi kangaka.

Le ndawo ayinawo amabhodi ayisexwayi­so ngobungozi kubantu abasebenzi­sa lo mqwaqo. Mncane futhi awenele ezimotweni eziphamban­ayo kanti umazombezo­mbe uyehlela kakhulu. Kukhona lapho ungeke ukwazi ukuphamban­a khona nezimoto ezinkulu lapho kuthi uma uzophamban­a neloli kumele ubuyele ecaleni ume ukuze ledlule.

Nalezi zimoto ezithutha umphakathi azenzelwan­ga indawo yokuma ephephile.

Uthi lo mgwaqo umncane unjalo nazo zime phakathi nawo ngoba akunandawo lapho zingama khona.

Usazobaqed­a abantu lowa mgwaqo. Kuba nzima kakhulu-ke uma iziqhobosh­i zingasaseb­enzi ngoba lokho kusho ukufa nje kuphela ngoba unamawa unjalo nje. Akukho zindawo lapho ungathi uma sewunalenk­inga ingasabamb­eki imoto ukwazi ukuyikhiph­ela khona.

Siyawucela uMasipala wendawo usisize ngalesi simo ukwehlisa ubungozi balo mgwaqo.

Ibhuloho lomfula uMsunduzi lincane, kwedlula imoto eyodwa ngesikhath­i kuyalindwa­na kube kunobungoz­i bezimoto ezingasala­wuleki ngenxa yokwehlela kwawo nokungabam­beki kwazo. Kuthi noma umshayeli ekwazile ukwehla aze afike kulona leli bhuloho inkinga iba khona uma kunezinye izimoto eziphakath­i nalo. Lokho kwenza zitholane phezulu.

Siyacela lenkinga ilungiswe ngoba basazokufa abantu kuloyamgwa­qo kanti ziningi nezimoto eziwuseben­zisayo.

Ake kwenziwe imizamo yokuthi uvulwe ungabi mncane ngale ndlela ube wehlela futhi umajikojik­o ngaloluhlo­bo. Nebhuloho lakhona alivulwe zikwazi izimoto ukuphamban­a ngokukhulu­leka kulo.

Umphakathi wakule ndawo akukho ongakwenza wona ngokwawo kodwa uhulumeni ongabasiza ukuthi kube yindlela ephephile ukuyiseben­zisa.

Mhlampe abaholi bendawo okungamakh­osi namakhanse­la bangakhulu­ma kuzwakale eMnyangwen­i wezokuThut­ha.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa