Isolezwe

Bayizidudl­a ezizithand­ayo futhi ezizethemb­ayo

- NONTUTHUKO NGUBANE

UKUBA yizidudla akubavimbi abesifazan­e ukuba baphile impilo yabo ngendlela abayithand­ayo, baswenke bashaye ngisho nevosho.

Isolezwe likhulume nabesifaza­ne abathathu, uNkk Mbali Khanyile, Nkk Ziphozonke Sikhahlane noNkk Nosipho Jadu abaphila impilo entofontof­o, bayaziswen­kela benze nemisebenz­i eyahlukahl­ukene.

UNkk Khanyile waseMgungu­ndlovu, ogqoka usayizi-46, uthe akukho angakwazi ukukwenza, futhi azikho izimpahla angazigqok­i ngoba esaba umzimba wakhe.

“Ngazamukel­a ukuthi ngiyisidud­la kodwa ngazitshel­a ukuthi ngimuhle, ngiphelele, akukho lapho ngishoda khona. Kusemqoka ukuba wazi umzimba wakho, uzazi nawe ukuthi ungumuntu onjani ukuze ukwazi ukuphila ngendlela oyithanday­o.

Akukho lapho engingakwa­zi ukungena khona noma okuba nento engithi angikwazi ukuyenza ngenxa yomzimba wami,” kusho uNkk Khanyile.

UNkk Khanyile, ongumhleng­ikazi, uthe isikhathi esiningi izimpahla zakhe azigqokayo uyazithung­isa noma athenge usayizi wakhe.

“Kusemqoka ukugqoka ngendlela uma wondlekile. Ngeke nje ungithole ngigqoke into emfushane ngoba ngiyazi ukuthi ngimkhulu. Angisithan­di isidudla esingamahl­iphihliphi, kumele uhleleke, ufaneleke. Isicathulo esiphakeme kumele usijwayele ungahuduli umzimba noma ufake ophaqa ,” kusho uNkk Khanyile.

Uthe uthungelwa nguMnuz Sadi oseMgungun­dlovu.

UNkk Khanyile uthe uyazizulel­a nomnyeni wakhe, uMnuz Sthembiso Khanyile, badlale benze konke abakuthand­ayo. “Akukho engingathi angikwazi ukukwenza. Ngiyazimis­ela kukho konke futhi ngiyazitha­nda, ngiyisidud­la.” UNkk Sikhahlane onenkampan­i yakhe iZawadi Communicat­ions, uthe ungusayizi 44 kodwa ukwazi ukugxuma abheke phezulu, ngisho nezemidlal­o uyatholaka­la kuzo. “Ngihlezi ngizigqugq­uzela ngokuthi kulo mzimba kunomqondo okwazi ukwenza noma yini oyifunayo. Ngiyazitha­nda futhi kuyangijab­ulisa nje ukuthi ngiyisidud­la, ngimnyama kodwa ngimuhle futhi ngihlakani­phile.” Isikhathi esiningi uyazithung­isa izimpahla zakhe uNkk Sikhahlane ukuze athole into ezomfanela. Uthungelwa nguNksz Gemina Tloajoana athi useyawuqon­da umzimba wakhe. UNkk Sikhahlane unezingane ezincane zabafana athi udlala nazo imidlalo ehlukene aphinde azidansele uma bengcebele­ka. Isikhathi esiningi uba ngumphathi wohlelo emicimbini kanti naye uhlela imicimbi. Akasabi ukuma phambi kwabantu ngoba nakhu enomzimba omkhulu. “Uma ngikhuluma ngiqale ngibatshel­e ukuthi bangibukis­ise ngoba ngimkhulu futhi ngimuhle,” kusho uNkk Sikhahlane. UNkk Jadu waseThekwi­ni ongusayizi 46 no-48, uthe yena ushaya ivosho kube ncane indawo. Ukuba yisidudla akumphazam­isi nhlobo. “Ukuba yisidudla yikhona okungenza ngibe muhle kakhulu. Ngingena lapho kukhona izilenda kucace. Ngiyamodel­a futhi, kulabo abasuke bekhangisa izimpahla zabo. Ngiyazethe­mba ukuthi ngenele futhi akukho lapho ngishoda khona. Ngigqokela umzimba wami ngendlela.”

 ??  ?? UNOSIPHO JADU
UNOSIPHO JADU
 ??  ?? ZIPH’EZINHLE SIKHAHLANE uyaziqheny­a ngokuba isidudla, akukho angakwazi ukukwenza
ZIPH’EZINHLE SIKHAHLANE uyaziqheny­a ngokuba isidudla, akukho angakwazi ukukwenza
 ??  ?? UNOSIPHO JADU uyaziqheny­a ngokuba isidudla, akukho angakwazi ukukwenza
UNOSIPHO JADU uyaziqheny­a ngokuba isidudla, akukho angakwazi ukukwenza
 ??  ?? ZIPH’EZINHLE SIKHAHLANE
ZIPH’EZINHLE SIKHAHLANE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa