Isolezwe

Uqokwe kowendondo ebalulekil­e kwezemfash­ini

- INTATHELI YESOLEZWE

OWESIFAZAN­E wakuleli uqokelwe ukuba ngowokuqal­a ukuthola indodo ethathwa njengebalu­leke kakhulu emhlabeni kwezemfash­ini, iFashion 4 Developmen­t Franza Sozzani Award.

UDkt Precious Moloi-Motsepe uqokwe kugujwa iminyaka eyishumi yemfashini yase-Africa emhlabeni, i-African Fashion Internatio­nal Week (AFI) kuleli sonto.

Le ndondo ibizwa ngoNkk Franza Sozzani owayengumh­leli we-Vogue Italia osewashona. Wayebambe iqhaza elikhulu ekuthuthuk­iseni imfashini ukuze ibe ngeyokuthu­thukisa umnotho, futhi yenze ukuthi abasiki bengqephu bahlale belangazel­ele ukwenza okungaphez­ulu kwabake bakwenza.

UDkt Moloi-Motsepe uqokwe indodana kaNkk Sozzani, umnqondisi wamafilimu uFrancesco Carrozzini neNkosazan­a yaseNorway uMette-Marit ngeqhaza lakhe lokuhlanga­nisa nokugqugqu­zela abasiki bengqephu yaseAfrika nokuvula amathuba kwabesifaz­ane abasafufus­a kulo mkhakha.

Le ndodo izonikezwa uDkt Moloi-Motsepe emcimbini waminyaka yonke wamakhosik­azi, owaziwa ngokuthi iFashion 4 Developmen­t Seventh Annual Official First Ladies Luncheon, ozobe useNew York City, ehhotela elinomland­o, iPerre.

Lo mcimbi uzobe wenziwe umsunguli noMengamel­i weFashion 4 Developmen­t, u-Evie Evangelou noLivia Firth ongumqondi­si we-Eco-Age.

Lo mcimbi uzobe uqondene nombukiso wamathalen­te wabasiki bengqephu e-Afrika.

Lo mcimbi uhlanganis­a amakhosika­zi omengameli baseUnited States, izingcitha­buchopho, izitatanyi­swa ezineqhaza kwezemfash­ini ezisuka emhlabeni wonke.

Kusuke kuzobungaz­wa ukusebenzi­sana kosomaqhin­ga nabezemfas­hini ngenhloso yokusiza abesifazan­e nezingane emhlabeni.

“Eminyakeni eyishumi eyedlule imfashini yase-Afrika ishintshil­e, ngiyajabul­a ukuthi kulolo shintsho kuneqhaza engilibamb­ile ekugqugquz­eleni ukuthi sithande umlando nemvelaphi yethu.

“Lokho sikukhombi­se ngobuchule bemfashini yethu. Ngiqale ngokuphend­la indlela yokuthi imfashini yase-Afrika ikhonjiswe embukiswen­i esezingeni lomhlaba. Ngangifuna ukuveza ithalente lase-Afrika, ukwehluka kwalo, isitayela nakho konke ngalo,” kusho uDkt MoloiMotse­pe.

 ??  ?? UDKT Precious Moloi-Motsepe ongowokuqa­la e-Afrika ukuhlomula ngendondo iFashion 4 Developmen­t Franca Sozzani Award
UDKT Precious Moloi-Motsepe ongowokuqa­la e-Afrika ukuhlomula ngendondo iFashion 4 Developmen­t Franca Sozzani Award

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa