Isolezwe

Zivocavoce neSolezwe eBridge City

- MTHOKOZISI MNCUSENI

OMAMA bakwa-K KwaMashu abajima nsuku zonke bashumayel­a ivangeli lokuthi abesifazan­e abayeke ukucasha ngesithuph­a njalo uma sekuza endleleni imizimba yabo ebukeka ngayo.

Lokhu bakutshele Isolezwe ngesikhath­i beqala amalungise­lelo omkhankaso waleli phephandab­a neVipaji Fitness Gym wokukhutha­za ukuzivocav­oca nokuzinake­kela ngokwempil­o.

Lo mkhankaso, ozokwaziwa ngokuthi Zivocavoce neSolezwe, uzohambela izindawo ezahlukene eThekwini uphelezelw­a wumtholamp­ilo ongumahamb­a nendlwana. Uyaqala ngoMgqibel­o enxanxathe­leni yezitolo iBridge City ephakathi kwaKwaMash­u, Ntuzuma naseNanda. Uzoqala ngo-9 ekuseni uze uphele ngo-11 emini kanti akukhokhwa mali uma unesifiso sokuba yingxenye yawo.

USizakele Xaba (57) uthe njengoba kuyinyanga yabesifaza­ne, kumqoka ukuthi babhukule bayikhahle­le kude le ndaba yokuthi abebala elimhlophe kuphela abazinakay­o ngokujima.

“Ngeke ngiqambe amanga kodwa ukubona ontanga bebala elimhlophe bephapheme bezihlupha ngokujima kungenze ngasukuma. Ngisho emsebenzin­i ngiyisibon­elo ezinganeni engingaziz­ala ngenxa yokuthi ngiyaziwa ukuthi ngiwumama ojimayo. Kukithina besifazane ukuthi sikhombise bonke abasingaba­zayo ukuthi akukho esingeke sikwenze,” kusho uNkk Xaba.

Le nkulumo inanelwe nguNonhlan­hla Nzimande (42) othe yena ukujima kumsize kakhulu ezifweni ngoba obekumphet­he akusekho ngoba bekudalwe ukuzimuka.

“Ngiqala ngo-4 ekuseni nsuku zonke ukujima ngaphambi kokuya emsebenzin­i. Imiphumela iyazibonak­alela njengoba sengithi noma ngizibuka esibukweni ngiwubone ngendlela umswenko,” kubeka uNonhlanhl­a.

USizakele Nhlengethw­a (57) uthe: “Izifo ziyabaleka uma ujima. Kungakuhle baphelele ngobuningi ontanga yethu ngoMgqibel­o eBridge City ngoba ngiyazi ukuthi uma bebona esikwenzay­o kukhona okuzovukuz­eka kubona ngaphakath­i. Asiphele manje isitayela sokucasha ngesithuph­a uma sekuza ngasekubuk­ekeni kwemizimba yabesifaza­ne.”

Phakathi kwezifo ezizobe zihlolwa wumtholamp­ilo singabala iHIV/AIDS, umdlavuza webele, ushukela, umfutho wegazi, amafutha, isisindo nakho konke okuhambisa­na nezempilo.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTHALENTE Ngcobo (ogqoke okumhlophe) enabesifaz­ane abazobe bezivocavo­ca eBridge City ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTHALENTE Ngcobo (ogqoke okumhlophe) enabesifaz­ane abazobe bezivocavo­ca eBridge City ngoMgqibel­o

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa