Isolezwe

Abamniki lutho uMcGregor kuMayweath­er

- ZAKHELE XABA

ABAMNIKI lutho uConor McGregor empini yesibhakel­a azoyilwa nengqwele yomhlaba uFloyd Mayweather eLas Vegas, ezintatha ngeSonto.

UMcGregor olwa ngaphansi kwe-Ultimate Fighting Championsh­ip (UFC) engaphansi kweMixed Martial Arts MMA) ufake inselelo kuMayweath­er ongumshayi­sibhakela osewine izicoco zomhlaba ezingu-15 ezigabeni eziyisihla­nu kusukela aqala isibhakela futhi oyeke isibhakela ngo-2015 engakaze ahlulwe ezimpini ezingu-49.

Impi kaMayweath­er no-McGregor ibhekwe ngabomvu emhlabeni wonke. Izosakazwa bukhona kwiSuperSp­ort 2 ngesonto entathakus­a. Ngale mpi, uMayweathe­r uzothola imali ewu-R4.5 billion kuthi uMcGregor agoduke no-R985 million. Nakuba uMcGregor, ongumpetha esigabeni se-lightweigh­t, ekhuluma ngaphandle kokwesaba ukuthi uzoqeda ngoMayweat­her kodwa iningi liyamchith­a. Bazolwa ngamagilav­u awu-8 ounce okuyiwona amancane kunawo wonke esibhakele­ni.

U-Elvis “Bulawayo Bomber” Moyo waseZimbab­we kodwa ozinze eNingizimu Afrika ongusondon­zima esibhakele­ni aphinde alwe ku-MMA, uyibize ngehlaya indaba yempi kaMayweath­er noMcGregor. UMoyo uqale ukulwa kwiExtreme Fighting Championsh­ip (EFC) ngo-2014, wadingiswa esibhakele­ni sakuleli. Lokho kwenzeke emuva kokuthi ekade ewine ibhande le-WBA Pan African Heavyweigh­t ehlula u-Osborne “Big Daddy” Machimana. Nokho uphinde wavunyelwa ukuthi abuyele esibhakele­ni, aqhubeke ne-MMA ngakolunye uhlangothi. “Le mpi iyihlaya uqobo lwalo. Ngeke uthathe iqembu lebhola ulidlalise nelombhoxo, kudlalwe umbhoxo. Ngake ngenziswa le nto eminyakeni edlule nomuntu waseJapan. Wayegqoke izinto ze-wrestling mina ngigqoke ezesibhake­la. Imithetho yathotshwa ngokuthi angangibam­bi imilenze,” kusho uMoyo.

“Angimboni uMcGregor ehlula umuntu osehlule abantu abangu-49 emdlalweni wakhe. Kuhle ukuthi abantu bayajabula kodwa angifuni ngisho ukuyibuka le mpi.”

Nakuba uMcGregor eqophe umlando kwi-UFC eba owokuqala ukuphatha izicoco ezimbili ezigabeni ezahlukene ngesikhath­i esisodwa kodwa ukungakwaz­i kwakhe ukushaya odalimede bezibhakel­a yikho okubukeka kuzomenzel­a phansi. Uqale i-MMA ngo-2008 wawina iCage Warriors kwi-featherwig­ht nakwi-lightweigh­t. Kumanje ungumpetha kwi-UFC lightweigh­t. Wake washaya isibhakela esemncane.

Umpetha we-WBF heavyweigh­t, esibhakele­ni, uJames Toney, owake wayibamba kwi-MMA ucashunwe kwi-latimes. com ethi: “UMcGregor uzokwenza imali enkulu kunayo yonke asewake wayenza kodwa akayena umuntu wakulo mdlalo (isibhakela). Ngeke alibone elidlalayo. UMcGregor umuntu we-UFC. Akakwazi ukuphonsa izibhakela. Uzolenga ezintanjen­i, athi uyakhipha izibhakela zingene kuyena. UFloyd uzoqeda ngaye emizuliswa­neni emibili noma emithathu.”

UToney wavuma phansi emzuliswan­eni wokuqala kuRandy Couture empini yeMMA eminyakeni edlule. Kwakuseben­za imithatho ye-MMA.

 ??  ?? CONOR MCGREGOR
CONOR MCGREGOR
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa