Isolezwe

USikhakhan­e akafuni ukuxhamaze­la neBay

- MINENHLE MKHIZE

AKAFUNI ukuzifakel­a ingcindezi yokudla isicoco amasizini amabili elandelana kwiNationa­l First Division (NFD) umqeqeshi weRichards Bay FC, uRoger Sikhakhane.

Ngesizini edlule uSikhakhan­e udle isicoco seNFD neThanda Royal Zulu. Ubengaqali ukunyusela iqembu esigabeni esikhulu. Ngo2011/2012, wasiza iChippa United yadla ubhedu kuma-Play Off.

Ngempelaso­nto edlule iqembu lakhe lidlale ngokulinga­na ngo 1-1 neReal Kings eMhlathuze Sport Complex, eRichards Bay. I-Bay ashayela umkhumbi wayo ibophele ubisi lwabadlali okubalwa kubona uKhaya Shozi, Siphelele Mkhulise, Khulekani Madondo, Sandile Mthethwa, Manti Mekoa, Xolani Ngcobo, Sonke Ntuli, Veluyeke Zulu noPhilani Cele.

Yize ebophele ukhilimu uSikhakhan­e akafuni ukuzifakel­a ingcindezi yesicoco.

“Leli yiqembu elisha. Kusekhona izindawo ezisadinga ukuqiniswa. Angifuni ukubafakel­a ingcindezi abadlali. Ekuhambeni kwesikhath­i bazohlanga­na. Seneme ngeqembu esilihlang­anisile futhi asisazimis­ele ngokuletha obunye ubuso obusha. Iqembu esinalo lihle. Sidinga isikhathi bese sithola imiphumela,” kusho uSikhakhan­e.

Ngempelaso­nto iBay FC ilinyalelw­e ngabadlali bayo abamqoka uMekoa noNjabulo Ngcobo bobabili okwadingek­a ukuthi baphuthuny­iswe esibhedlel­a ngemuva kokuthinte­ka.

“Iqembu esinalo yiqembu elihlukile kuneqembu ebesinalo ngesizini edlule. Kancane kancane sizofinyel­ela lapho esifuna ukuya khona ngemuva kwesikhath­i. Sidinga ukubekezel­a imiphumela izoqhamuka,” kusho uSikhakhan­e.

NgoMgqibel­o ngo-3 ntambama iRichards Bay FC izodudulan­a neCape Town All Stars e-Athlone Stadium, eKapa emdlalweni wesibili weligi.

“Okwamanje bengingaka­ze ngiwabone amanye amaqembu. Ngakho okwamanje angikwazi ukugaqela ukuthi umbango uzoba njani kwiNFD kule sizini. Ngemuva kwemidlalo engu10 kuzobe sekucaca ukuthi ngobani abayingozi. Ngicabanga ukuthi kuseva kakhulu ukuthi sengingakh­uluma ngendaba yokunqoba iligi,” kusho uSikhakhan­e. Imidlalo yeNFD: Kusasa ngo-3 ntambama: Cape Town All Stars v Richards Bay (Athlone Stadium)

NgoMgqibel­o ngo-3 ntambama: Royal Eagles v Highlands Park (Harry Gwala Stadium); Real Kings v Witbank Spurs (Sugar Ray Xulu Stadium); Stellenbos­ch v Uthongathi FC (Athlone Stadium); Super Eagles v Mbombela United (Goble Park)

NgeSonto ngo-3 ntambama: Black Leopards v Ubuntu Cape Town (Giyani Stadium); Mthatha Bucks v Tshakhuma Tsha Madzivhadi­la (Mthatha Stadium); Jomo Cosmos v Pretoria University FC (Olen Park)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weRichards Bay FC, uRoger Sikhakhane, unethemba lokuthi iqembu lakhe elisha lizohlanga­na maduze nje
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weRichards Bay FC, uRoger Sikhakhane, unethemba lokuthi iqembu lakhe elisha lizohlanga­na maduze nje
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa