Abamniki lutho uMcGregor kuMayweather
ABAMNIKI lutho uConor McGregor empini yesibhakela azoyilwa nengqwele yomhlaba uFloyd Mayweather eLas Vegas, ezintatha ngeSonto.
UMcGregor olwa ngaphansi kwe-Ultimate Fighting Championship (UFC) engaphansi kweMixed Martial Arts MMA) ufake inselelo kuMayweather ongumshayisibhakela osewine izicoco zomhlaba ezingu-15 ezigabeni eziyisihlanu kusukela aqala isibhakela futhi oyeke isibhakela ngo-2015 engakaze ahlulwe ezimpini ezingu-49.
Impi kaMayweather no-McGregor ibhekwe ngabomvu emhlabeni wonke. Izosakazwa bukhona kwiSuperSport 2 ngesonto entathakusa. Ngale mpi, uMayweather uzothola imali ewu-R4.5 billion kuthi uMcGregor agoduke no-R985 million. Nakuba uMcGregor, ongumpetha esigabeni se-lightweight, ekhuluma ngaphandle kokwesaba ukuthi uzoqeda ngoMayweather kodwa iningi liyamchitha. Bazolwa ngamagilavu awu-8 ounce okuyiwona amancane kunawo wonke esibhakeleni.
U-Elvis “Bulawayo Bomber” Moyo waseZimbabwe kodwa ozinze eNingizimu Afrika ongusondonzima esibhakeleni aphinde alwe ku-MMA, uyibize ngehlaya indaba yempi kaMayweather noMcGregor. UMoyo uqale ukulwa kwiExtreme Fighting Championship (EFC) ngo-2014, wadingiswa esibhakeleni sakuleli. Lokho kwenzeke emuva kokuthi ekade ewine ibhande le-WBA Pan African Heavyweight ehlula u-Osborne “Big Daddy” Machimana. Nokho uphinde wavunyelwa ukuthi abuyele esibhakeleni, aqhubeke ne-MMA ngakolunye uhlangothi. “Le mpi iyihlaya uqobo lwalo. Ngeke uthathe iqembu lebhola ulidlalise nelombhoxo, kudlalwe umbhoxo. Ngake ngenziswa le nto eminyakeni edlule nomuntu waseJapan. Wayegqoke izinto ze-wrestling mina ngigqoke ezesibhakela. Imithetho yathotshwa ngokuthi angangibambi imilenze,” kusho uMoyo.
“Angimboni uMcGregor ehlula umuntu osehlule abantu abangu-49 emdlalweni wakhe. Kuhle ukuthi abantu bayajabula kodwa angifuni ngisho ukuyibuka le mpi.”
Nakuba uMcGregor eqophe umlando kwi-UFC eba owokuqala ukuphatha izicoco ezimbili ezigabeni ezahlukene ngesikhathi esisodwa kodwa ukungakwazi kwakhe ukushaya odalimede bezibhakela yikho okubukeka kuzomenzela phansi. Uqale i-MMA ngo-2008 wawina iCage Warriors kwi-featherwight nakwi-lightweight. Kumanje ungumpetha kwi-UFC lightweight. Wake washaya isibhakela esemncane.
Umpetha we-WBF heavyweight, esibhakeleni, uJames Toney, owake wayibamba kwi-MMA ucashunwe kwi-latimes. com ethi: “UMcGregor uzokwenza imali enkulu kunayo yonke asewake wayenza kodwa akayena umuntu wakulo mdlalo (isibhakela). Ngeke alibone elidlalayo. UMcGregor umuntu we-UFC. Akakwazi ukuphonsa izibhakela. Uzolenga ezintanjeni, athi uyakhipha izibhakela zingene kuyena. UFloyd uzoqeda ngaye emizuliswaneni emibili noma emithathu.”
UToney wavuma phansi emzuliswaneni wokuqala kuRandy Couture empini yeMMA eminyakeni edlule. Kwakusebenza imithatho ye-MMA.