Isolezwe

UMicho akeneme ‘ngobugwala’ beBucs

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, ukhale “ngobugwala” kubadlali bakhe bebanjwa yiBaroka ngo 1-1 emdlalweni we-Absa Premiershi­p ePeter Mokaba Stadium, ePolokwabe, ngoLwesibi­li ebusuku.

IPirates ishaye igoli kuqala esiwombeni sokuqala nelibekwe enethini nguThabo Qalinge. Nokho iBaroka ibuyile esiwombeni sesibili yashaya elokulinga­nisa ngekhanda lika-Abdi Hassan Banda waseTanzan­ia ongomunye wabadlali abasha kuleli qembu.

USredojevi­c, okhuza ibuya kwiPirates, ufike noshintsho ehlalisa ngaphandle inqwaba yabadlali abebezitam­uzela isikimu eqenjini ngaphansi kwabaqeqes­hi abahlukene ngesizini edlule okukhona kubona u-Ayanda Gcaba, Happy Jele, Issa Saar nabanye. Isikimu kulezi zinsuku zitholwa ngabadlali abebelizwa ngendaba ijezi okukhona kubona uGladwin Shitolo, Ntsikelelo Nyawuza, Qalinge nabanye. Nakuba iPirates ikhombisa ukuhlangan­a ngaphansi kukaSredoj­evic kodwa yena akenelisek­anga ngokuthi bagcine bephume nephuzu emdlalweni weBaroka.

“Sidlale kahle kodwa umuzwa wabadlali wenze ukuthi bahlale emuva, sadlala phambi kwebhokisi lethu. Kwenzeke ikhona, ithuba elilodwa lokunganak­i, sajeziswa. Esikhundle­ni sokuthi kube yithina esizuma izitha kodwa kade sekudlalwa lowo mdlalo wokuzumana esiwombeni sesibili. Iqembu elihamba phambili alikwazi ukuvumela lokho ukuthi kwenzeke. Bekufanele siqede ngabo. Kodwa kufanele siziqoqe, sisahlanga­nisa. Kufanele sicubungul­e, sibone ukuthi yikuphi lapho siphazame khona, lingene kanjani igoli nokuthi kungani sihlale emuva nalapho bekufanele simake ngokudlala ibhola sibheke phambili, sihlasele siqede ngabo.”

Kusukela kufike uMicho kwiPirates ayikahlulw­a. Inamaphuzu amane emuva kwemidlalo emibili.

USredojevi­c unengcinde­zi yokubuyisa izinsuku zenjabulo kwiPirates esiqede amasizini amabili ngaphandle kwendebe.

Igcine ukuqukula indebe ngo2014 yeNedbank Cup.

Nakuba iningi likholwela wukuthi uMicho kusafanele azinze kahle ngaphambi kokulindel­a ukuthi awine imidlalo kodwa yena ubona kufanele baqoqe amaphuzu njengeqemb­u elikhulu.

“Ngikhiphe uQalinge ngoba uPunch ubezihambe­la, egoba amabhola kwesokunxe­le.

“Sifake uRakhale (Thabo) ngoba sifuna amnikeze umsebenzi. Sifake abadlali ababili abahlasela­yo emuva kokungenel­wa yigoli ngoba akwenele ukuthi iqembu elifana nePirates leneliswe yiphuzu. Siphonse konke ebesinakho ukuwina umdlalo kodwa asiphumele­langa.”

IPirates izobuyela enkundleni ngoSepthem­ba 12 uma seyamukela i-Ajax Cape Town kowePremie­rship e-Orlando Stadium, eSoweto.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMILUTIN Sredojevic ocija i-Orlando Pirates akeneme ngendlela abadlale ngayo bebhekene neBaroka FC emdlalweni we-Absa Prmiership ePeter Mokaba Stadium, ngoLwesibi­li ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMILUTIN Sredojevic ocija i-Orlando Pirates akeneme ngendlela abadlale ngayo bebhekene neBaroka FC emdlalweni we-Absa Prmiership ePeter Mokaba Stadium, ngoLwesibi­li ebusuku
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa