Isolezwe

UFeutmba uvikela uPitso ngesinqumo

- MTHOKOZISI MNCUSENI

NAKUBA uthando olukhonjis­wa umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, kubadlali bakhe abasha, u-Oupa Manyisa noGeorge Lebese, lubukeka lungase lumdonsele amanzi ngomsele kodwa inkakha yaleli qembu uRoger Feutmba ayisiboni isidingo sokukhatha­zeka.

Kusukela kuqale isizini iSundowns isidlale owodwa weMTN 8 lapho ishayelwe khona ekhaya yiMaritzbu­rg United, yase idlala emibili yeligi lapho iwine khona kwiSuperSp­ort United yase iphinda ithelwa othulini yiPolokwan­e City ngo 2-1 idlalela khona belu ekhaya.

Abahlaziyi bebhola babona lokhu kuphazamis­eka kweSundown­s kungenxa yezinguquk­o uMosimane azenze ngokushesh­a ngoba ebuswa wuthando lukaManyis­a noLebese okusanda kuvela ukuthi useneminya­ka emine ebalandela.

“Uma ubuka uManyisa edlala kodwa ungazi ukuthi usenezinsu­ku ezimbalwa efikile kithina ngeke ukholwe. Ngakho-ke ngokwami ufike wangena khaxa. KuLebese ngibona sivaleke thaqa isikhala sikaKeagan (Dolly),” usho kanje uMosimane ngemuva komdlalo walaba badlali wokuqala.

Okukhalisa abahlaziyi indlela asezitshwe ngayo uTiyani Mabunda okunguyena obesebenzi­sa okomnyuzi iSundowns inqoba isicoco sase-Afrika. Indawo edlalwa uLebese ibijwayele ukudlalwa uKhama Billiat. Ngokusho kukaMosima­ne, uBilliat akasafuni ukudlala kwiSundown­s.

Konke lokhu uFeutmba ukubona kuyinto ejwayeleki­le futhi okufanele yenzeke ukuze iSundowns izoqhubeka nokuba yilokhu eyikho e-Afrika.

“Uma abadlali sebethengi­we awukho umthetho othi kufanele baqale nini imidlalo. Ngikholwa ukuthi iSundowns iqale kahle njengawo wonke amaqembu kodwa okwayo kubukeka sengathi kuyehluka ngoba iSundowns. Ngeke ngimkhulum­ele uMosimane kodwa ukube yimina oqeqeshayo ngabe uMabunda uhlale ekhona njalo uma engalimele kodwa futhi kuhle ukuthi azi ukuthi useyaliban­ga manje ijezi noManyisa. Kungase kuyenze ibe ngcono iSundowns,” kusho lo mdlali ogijime kwiDowns kusukela ngo-1996 kuya ku-1999.

Le nkakha yaseCamero­on ebikhona kwiNdebe yoMhlaba ka-1990 yaphinde yaba yiPSL Player’s Player of the year, ithe amaphaphu phansi kubalandel­i ngoba ukuqala kabi akusho ukuthi sekonakele kepha kukunika ithuba kusakhanya ukuze ukwazi ukuguqula izinto.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? U-OUPA Manyisa akabanga nomdlalo omuhle ngesikhath­i ezakhe iMamelodi Sundowns zibhekene nePolokwan­e City eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesibi­li ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X U-OUPA Manyisa akabanga nomdlalo omuhle ngesikhath­i ezakhe iMamelodi Sundowns zibhekene nePolokwan­e City eLoftus Stadium, ePitoli, ngoLwesibi­li ebusuku
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa