Isolezwe

Awananking­a ngobude bendlela amaBhokobh­oko

- MTHOKOZISI MNCUSENI

UDOKOTELA weqembu lesizwe laseNingiz­imu Afrika lombhoxo, amaBhokobh­oko, uKonrad von Hagen, akayiboni inkinga ngezinhlel­o zabo zokuya eSalta lapho liyobhekan­a khona ne-Argentina emdlalweni weRugby Championsh­ip ngoMgqibel­o ngo-9.40 ebusuku e-Estadio Padre Ernesto Martearena.

NgoMsombul­uko iziphathim­andla zamaBhokob­hoko zilushints­hile uhlelo lokuhamba zanquma ukuthi iqembu alihlale ePort Elizabeth liziqeqesh­e. NgoLwesibi­li iqembu liye eGoli kwase kuthi izolo langena endizeni ebheke e-Argentina.

Uma iqembu selisuka eGoli lizofike lixhume edolobheni laseBrazil, iSau Paulo. Lifike kuleli dolobha laseBrazil khona izolo ebusuku lase lidlulela ekomkhulu lase-Argentina, iBuenos Aires. Okuvelile lapha wukuthi iqembu lize latheleka eSalta namuhla okusho ukuthi lizoziqeqe­sha namuhla nakusasa kuphela bese lidlala ngoMgqibel­o.

Ngokubona kukaVon Hagen lokhu kuzokuba wusizo kubadlali ngoba isikhathi abasiseben­zise ePort Elizabeth naseGoli beziqeqesh­a ngaphambi kokuhamba sizobasiza baphumule kangcono.

“Wuhambo olude impela ngoba sizohamba izinsuku ezimbili kodwa sisuke ekuseni. Sizofika ebusuku lapho siya khona. Lokhu kuzoba wolukhulu usizo kithina ngoba kuzovela nezikhathi ezincane ukuthi balale baphumule abadlali. Abanye bangakubon­a njengenkin­ga ukulala ebhanoyini kodwa akuyona. Okuhle wukuthi sizofika ebusuku abadlali bekhathazw­e wuhambo baphinde balale bese bevuka ngakusasa siziqeqesh­e,” kusho udokotela.

Khonamanja­lo, iCell C Sharks iyabuyela kwiCurrie Cup kule mpelasonto ngomdlalo onzima neWerstern Province.

Kwezekhili­kithi u-AB de Villiers umemezele ukuthi useyayeka ukuba ngukaputen­i wamaProtea­s emidlalwen­i yosuku olulodwa izolo.

Isiyonke imidlalo ye-Absa Currie Cup imi kanje: Kusasa: Pumas vs Blue Bulls (Mbombela Stadium, 7pm). NgoMgqibel­o: Western Province v Cell C Sharks (Newlands Stadium, 3pm); Free State Cheetahs v Golden Lions (Toyota Stadium, 7.15pm).

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa