Isolezwe

ObekwiChie­fs ulandelwa amashwa

- MINENHLE MKHIZE

ULANDELWA amashwa umgadli ochithwe yiKaizer Chiefs, u-Edward Manqele, ozama inhlanhla kwiFree State Stars.

UManqele uchithwe yiChiefs ngasekuphe­leni kwesizini edlule ngemuva kokuhlala isikhathi eside ekhuhla ibhentshi. Umqeqeshi weFree State Stars, uSammy Troughton, utshele abezindaba ngemuva komdlalo wezakhe naMaZulu eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ukuthi kungani bengakasit­hathi isinqumo ngekusasa likaManqel­e.

“Sizobona ukuthi sizomsayin­isa yini noma cha. Ezinsukwin­i eziyishumi ezedlule uthintekil­e. Ubengajimi. Sizophinde simhlole ukuthi akakalulam­i yini. Sizimisele ngokumnika ithuba. Ukube akazange alimale ngabe sesisithat­hile isinqumo sokuthi sizomsayin­isa noma cha,” kusho uThroughto­n.

UManqele ubemiswe kabi nguBernard Parker noGustavo Paez kuMakhosi ngesizini edlule. Abanye abagadli abebanga nabo ijezi nguSiphele­le Mthembu osanda kusayinisw­a yiFree State, uLewis Macha osegijima kwiBaroka FC, Camaldine Abraw ozama inhlanhla kwiWits noMichelle Katsvairo oseyibamba eTanzania.

Njengamanj­e Amakhosi asele noParker, Paez noRyan Moon. IFree State ibivika izembe ngesizini edlule. Leli qembu lisanda kubuyisa uSello Jaftha. Ekuqaleni kwesizini edlule bamdayisel­e iPirates.

KweZimnyam­a ufike wakhuhla ibhentshi okuholele ekutheni achithwe ekupheleni kwesizini.

“UJaftha usalele emuva kakhulu kwabanye abadlali. Kuyabonaka­la ukuthi kade agcina ukudlala. Kusamele asebenze kanzima ukuze abonakale. Ejimini ukhombisa izimpawu zokuthi kukhona okuhle azosinika kona uma esesimweni esihle. Ukhaliphil­e, inkinga wukuthi kuyabonaka­la ukuthi kade agcina ukudlala,” kusho uThroughto­n.

KwiPirates Jaftha uhluleke wancama ukubeka uThabo Rakhale, Thabo Qalinge, Thembinkos­i Lorch, Mpho Makola, Riyaad Norodien, Luvuyo Memela noMahlatsh­e Makudubela, ebhentshin­i. UThroughto­n ebuzwa ukuthi uthini umbandela awubekelwe yizikhulu zeqembu uthe: “Awukho umbandela oqondile engibekelw­e wona. Into esizama ukuyiqinis­ekisa wukuthi asibalwa namaqembu avika izembe. Akuwona umuzwa omnandi ukuvika izembe okuyinto iqembu ebelilokhu libhekana nayo kula masizini edlule. Besinethem­ba lokuthi sizoqala kahle kodwa ngebhadi akuzange kwenzeke.”

Ngesizini edlule iFree State yayidayisw­a kodwa kwabheda ekugcineni njengoba abantu ababefuna ukuyitheng­a bagcina behlulekil­e wukuletha imali ngesikhath­i.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMDLALI ozama inhlanhla kwiFree State Stars u-Edward Manqele ngesikhath­i edlala kwiMaize Cup bebhekene neKaizer Chiefs ngoJulayi 15 eJames Motlatsi Stadium
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMDLALI ozama inhlanhla kwiFree State Stars u-Edward Manqele ngesikhath­i edlala kwiMaize Cup bebhekene neKaizer Chiefs ngoJulayi 15 eJames Motlatsi Stadium
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa