Ingenile imbokodo ematekisini
ESIKHATHINI esiningi uma kukhulunywa ngemboni yamatekisi isithombe esifika emqondweni ngesesiqhoqho samadoda kodwa lokhu sekwashintsha njengoba sekukhona nabesifazane kule mboni.
Abesifazane bangene ngezindlela ezihlukene kulo mkhakha, abanye bangena kuwo emuva kokushonelwa ngabayeni kanti abanye ngumkhakha obahehile.
Abesifazane beLamontville Taxi Owners Association bebehlangene e-Cafe Vigour, eSuncoast Casino, eThekwini beyogubha inyanga yabo.
Bekungabonakali ukuthi ngamakhosikazi osomatekisi nabafelokazi babo njengoba bekungekho amadoda ahamba nezinhlokohlela zezibhamu avamise ukubonakala egade osomatekisi.
UNksz Futhi Nyirenda obhekelele izinhlelo zabesifazane kusoseshini waseLamontville utshele Isolezwe ukuthi abesifazane baphethwe kahle kulo soseshini futhi bayanikezwa ithuba lokuthi babeke imibono yabo.
“Obaba yibona abasenzele izinhlelo zokuthi sizohlangana lapha eSuncoast, sidle isidlo sasemini njengoba kuyinyanga yethu. Bakhiphe nekhumbi esizohamba ngayo nemali sase thina sikhetha indawo. Siphatheke kahle kakhulu kusoseshini wethu ngoba siyahlonishwa futhi kuyaziwa ukuthi omama bayanakekela futhi banothando,” kusho uNksz Nyirenda.
UNkk Nomalanga Mkhize (51) owashonelwa ngumyeni wakhe ngo-2009, uthe ukusebenza ematekisini kudinga umuntu owaziyo ukuthi lo mkhakha yibhizinisi elidinga ukunakekelwa.
“Ukusebenza kusoseshini waseLamontville kumnandi ngoba uma abashayeli bekudelela uyakwazi ukubabika ehhovisi likasoseshini baqondiswe ubugwegwe. Abashayeli bethu abadeleli mhlawumbe yingoba ngaqala ukusebenza kusekhona umyeni wami,” kusho uNkk Mkhize onamadodana amathathu.
Uthe nabagibeli abaphatheka kabi bayakwazi ukufona ku-081 716 2412 babike ngokuhlukunyezwa kwabo.
Ugqugquzele omama abashonelwe ngabayeni ukuthi bangawuyeki umsebenzi wamatekisi ngoba kuyasebenzeka uma umama ezoxoxisana nososeshini.
UNkk Nonhlanhla Ndebele owashonelwa ngumyeni wakhe nendodana ematekisini, uthe lo mkhakha uthi awube nzinyana uma umuntu ewubukela kude kodwa uma ukusoseshini ophathana kahle kuba lula ukusebenza.
“Uma umama eshonelwe ngubaba siye sihambe nabanye siyomduduza simchazele ukuthi usazokwazi ukusebenza yize ubaba engekho. Siyazinikela ekukhulekeni futhi obaba esisebenza nabo kusoseshini bayakuthanda lokho,” kusho uNkk Ndebele.
UNkk Makhosi Ngubane naye osewashonelwa ngumyeni, uthe kubalulekile ukuthi abesifazane basebenzisane nabayeni babo ematekisini ukuze uma kunenkinga baqonde ukuthi lo msebenzi unjani.
“Omama sifisa basebenzisane nobaba ukuze bangaxakeki uma sebesele bodwa embonini. Kuyasiza ukuchazela usoseshini ngobunzima obhekene nabo ngoba uyakulekelela,” kusho uNkk Ngubane.