UMogoeng kwesobushansela
UMENGAMELI wamaJaji kuleli uMnuz Mogoeng Mogoeng, usengushansela omusha wenyuvesi yaKwaZulu-Natal.
Lesi simemezelo senziwe nguSihlalo wesigungu esilawula le nyuvesi uMfundisi Vukile Mehana, izolo.
Ushansela uqokwa yisigungu esilawula inyuvesi.
UMehana uthe uMogoeng ungushansela wesithathu kule nyuvesi.
“Ungene esikhundleni ebesiphethwe nguDkt Zweli Mkhize, ophathe amahlandla amabili. UMkhize (onguMgcinimafa we-ANC) wangena kulesi sikhundla ngemuva kukaDkt Frene Ginwala, owayengushansela wokuqala wale nyuvesi owabeka phansi izintambo ngo-2005.”
Ngokwemigomo yenyuvesi, ushansela nguyena muntu othwesa imiyezane labo abasuke bethola iziqu nezitifiketi.
Isikhathi ushansela asihlalayo akumele sidlule amahlandla amabili.
“Siyakwamukela ukuqokwa kwakhe ngoba sihlabene ngokuba nomuntu onamava njengaye. Sizimisele ukusebenzisana naye kulesi sikhundla. Sibonga noDkt Mkhize ngeqhaza lakhe kule nyuvesi ngesikhathi engushansela,” kusho uMehana.
UMogoeng, unguMengameli wamajaji wesine kuleli selokhu izwe lakhululeka. Uneziqu ze-B Juris, ayithola enyuvesi yaseZululand neBachelor of Laws (LLB) ayithola eNyuvesi yaseNatal, esiyaziwa ngeUKZN.
Uneziqu zeMasters kwezomthetho zasenyuvesi yakuleli i-Unisa.
Waqala wasebenza njengotolika enkantolo wabe eseqokelwa kwesokuba ngumshushisi enkantolo enkulu ngoMashi 1986 kuya kuFebhuwari 1990 eMafikeng.
NgoJuni 1997 waqokwa waba yijaji enkantolo enkulu yaseNorth West kwathi ngo-Ephreli 2000 waqokelwa ekubeni yijaji enkantolo yezokubuyekeza amacala yabasebenzi.
Ngo-Okthoba 2002 waba ngumengameli wamajaji enkantolo enkulu yaseNorth West.
Ngo-2009 waqokelwa ukuba senkantolo yezokudluliswa kwamacala kwathi ngoSepthemba 2011 waqokelwa kwesokuba nguMengameli wamajaji.
Ungusihlalo we-Judicial Service Commission (JSC), iSouth African Judicial Education Institute (SAJEI) neCouncil and National Efficiency Enhancement Committee (NEEC).
Uyiphini likamengameli weConference of Constitutional Jurisdictions of Africa (CCJA).