‘Ngifunde isifundo ngenkontileka ende’
UFUNDE isifundo ngokusayina inkontileka ende umdlali waKwaZulu-Natal, uSiphelele “Stashi” Ntshangase, ovumbuke kwiBaroka edlala kwi-Absa Premiership ngoLwesibili.
Kade sekuphele amasizini kuthiwa iKaizer Chiefs imfuna eNaturena uNtshangase kodwa kugcina kushabalele. Emasontweni edlule iChiefs igcine iphumele obala ngokuthi ayikaze imfune umdlali ogijima nakwiBafana Bafana.
UNtshangase usayine inkontileka yeminyaka emibili neBaroka ngoLwesibili. Emuva kwamahora ambalwa ungenile esiwombeni sesibili iBakgaga ibambana ngo 1-1 ne-Orlando Pirates nalapho engene wawushintsha umdlalo. UNtshangase uxebuke enkontilekeni yeminyaka eyisihlanu abekade enayo neBlack Leopards edlala kwiNational First Division (NFD).
Usihlalo wayo, uDavid Thidiela, ubengafuni ukuzwa lutho emaqenjini abefuna uNtshangase. Nokho emasontweni ambalwa edlule uphumele obala wathi usekulungele ukuxoxa namaqembu amfunayo, kwavela ukuthi ufuna u-R2 million.
“Ngifunde isifundo ngenkontileka engisuka kuyona kodwa angizisoli. Ngesikhathi ngifika ngangisemncane futhi ngizitshela ukuthi ngizinika isikhathi sokuzinza kahle kweyokuqala, ngijwayele kweyesibili ngaphambi kokudlala ngokugcwele,” kusho uNtshangase wasoPhongolo.
“Engikujabulela manje wukuthi sengifike lapho ngikade ngifuna ukuba khona. Anginankinga ngezinga leqembu engikulo, bengingeke ngiliyeke ithuba elinjena ngoba liyivela kancane. Okusele manje wukuthi ngidlale ngokuzimisela kuyona yonke imidlalo. Nakuba abantu bebezitshela ukuthi kufanele ngabe sengidlala kwiPremiership kodwa mina bengazi ukuthi isikhathi siyeza futh akekho oyoma endleleni yami.”
UNtshangase ubhaliswe kwiPremier Soccer League (PSL) ngoLwesibili kwathi ebusuku wazithola sekufanele angene enkundleni nozakwabo engakaze aziqeqeshe nabo. Kuvele ukuthi ikhadi lakhe eliwubufakazi bokuthi usengumdlali weBaroka lifike ngendiza ntambama.
“Ngitshelwe uMorgan (Mammila) ngoMsombuluko ukuthi bayangidinga, angisho izimfuno zami. Ngibone kungcono ngilithathe ithuba. Kuthe ngoLwesibili ngatshelwa ukuthi ngizodlala nokuyinto engimangaze kakhulu. Kodwa bekufanele ukuthi umqondo wami uqale ucabange ngalokho,” kusho uNtshangase.
“Ngihlale kakhulu endaweni eyodwa. Lokho kugcina sekwenza uzithele ngabandayo nokwenza ungakhuli njengomdlali.”