Iyawadonsa amehlo iTucson Sport entsha
KUYACACA emgwaqweni ukuthi iTucson Sport akuyona nje iTucson ejwayelekile ngenxa yokuthi abantu baphenduka nayo uma beyibona.
Abanye abangazi bagcine bengibuza ukuthi kazi ngiyenzeni ngoba ayifani nhlobo nezinye.
Akukhona ukuthi ngiyenze okuthize kodwa ngabakwaHyundai uqobo abayishunile yaqala ukutholakala emagaraji ngoJuni nonyaka. Kungalesi sizathu abantu isabathusa ngoba iseyintsha futhi ayikakandi kakhulu emgwaqweni.
Yize ingakandi kodwa le nkampani ithe idayise angaphezulu kuka-50 ngenyanga edlule.
KwaHyundai Automotive SA banikele eKorea lapho belande khona abayishune ngakho.
Amarimu angu-19 inch black alloy futhi awayiphazamisi neze indlela imoto ebambelela ngayo emajikeni nokuba ntofontofo okungenye yezinto iTucson entsha egabe ngazo.
Inqawe iyandoda futhi ngisho ungaphakathi emotweni. Uma usaqala lona kuba wumsindo omnandi kodwa ngokuhamba kwesikhathi ubuye ube nesidina njengoba mina ungivale izindlebe. Indonda kakhulu phakathi kuka2 000 no-3 000 revvs nokwenza ukuthi uma usucikekile unyathele kakhulu amafutha ukuze amarevvs abe phezulu ukuze ithule. Lokhu kodwa kuyenza icaphune kuphethroli.
Injini yayo bayithathele kwiVeloster Turbo yakwabo. Ingu1.6 turbocharged petrol engine enamandla angu-150kW ne-torque ka-295 Nm. Inamandla kodwa uma isuka ayigxumi ihlale kodwa emgwaqweni ovulekile iyashesha. Idonsa ngamagiya ayisithupha ashintshwayo futhi idonsa ngamasondo angaphambili.
KwaHyundai sebethathe iTucson 1.6 TGDI Elite nayo bayenza iSport ngokuyishuna njengoba le engiyichaze ngenhla kuyiTucson 1.6 TGDI Executive.
Okuhlukile ngayo wukuthi idonsa ngamasondo amane futhi okhakhayini ine-sunroof. Iwumshini ozishintshayo njengoba ineDual Clutch Transmission (DCT).
Lokhu nokho kudinga ukuthi ufake ngaphezulu uR100 000 ukuze uyithole bese ibiza uR599 900.
Phakathi kwezinto ephuma nazo yi-8 inch screen infotainment ene-navigation, bluetooth, umsakazo odlala iCD/USB/AUC futhi iveza ingemuva uma uhlehla.
Kwezokuphepha ine-ESP, ABD, EBD, ama-airbag omshayeli nabagibeli ahlanganisa namacurtain airbags futhi yathola izinkanyezi ezinhlanu ngesikhathi ihlolwa ezokuphepha ngokweEuroNCAP. Inani
Hyundai Tucson 1.6 TGDI Executive Sport R499 900
Hyundai Tucson 1.6 TGDI Elite Sport R599 900
Iphuma ne-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma ibanga lika200 000km, i-roadside assistance yeminyaka emihlanu noma ibanga lika-150 000km, ne-service plan yeminyaka emihlanu noma ibanga lika-90 000km.