Kushubile imeya yeTheku ixabana namakhansela eDA
KUPHAKAME umoya emhlanganweni wamakhansela alawula uMkhandlu weTheku izolo ngesikhathi iMeya uNkk Zandile Gumede ixabana namakhasela e-DA, kwancane indawo.
Umsindo ususwe wukuthi ikhansela le-DA uNkk Sharon Hoosen libize iphepha ebelisatshaliswa emhlanganweni ebelinezincomo zomkhandlu mayelana nomcimbi ozodla R2 million wokugubha usuku lwabesifazane ozoba seMoses Mabhida ngesonto elizayo ngephepha lasethoyilethi.
Leli phepha belisatshalaliswa lodwa kumalungu ekomiti ngoba kade lingekho kumqulu wombiko.
Ikhansela leDA uMnuz Heinz de Boer likhulume noNkk Hoosen umhlangano uqhubeka libuza ukuthi yini lena, libe lilidabula iphepha, uNkk Hoosen uthe yiphepha lasethoyilethi.
UNkk Gumede ubhoke ngolaka wathi uNkk Hoosen akahoxise amazwi akhe ngoba akakwazi ukubiza iphepha eliqukethe ingxenye yombiko womkhandlu ngephepha lasethoyilethi.
UNkk Hoosen unqabile ukuhoxisa amazwi akhe.
“Khansela Hoosen, ungacabangi ukuthi uyiNdlovukazi yalapha eThekwini. Uyiyona kumyeni wakho kuphela,” kusho uNkk Gumede oxwayise uNkk Hoosen ngokuthi angalinge ahleke uma ekhuluma naye.
“Ungabothi uma ungibuka uhleke ngoba angisiyo imfene,” kusho uNkk Gumede.
Ngesikhathi uNkk Gumede ebhoka ngolaka uNkk Hoosen ubesebheke phansi.
USotshwebhu wamakhansela e-ANC eMkhandlwini weTheku uNkk Nelly Nyaniso unxuse uNkk Hoosen ukuba ahoxise amazwi akhe ngoba ulimi alusebenzisile aluvumelekile emhlanganweni womkhandlu kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Umholi wekhokhasi yeDA, uMnuz Zwakele Mncwango ungenelelile waxolisa egameni leqembu.
Kodwa ingxabano ibuye yaqala phansi ngesikhathi uMncwango esethi noNkk Gumede kumele azinuke amakhwapha ngendlela akhuluma ngayo nabo.
“Ikhansela uNkk Hoosen lichukuluziwe yikho lize laziphatha ngale ndlela. Nawe meya kumele ulungise indlela okhuluma ngayo nathi, sibona sengathi awusihloniphi,” kusho uMncwango.
UNkk Gumede uthe ngeke baze bavume ukuthi badelelwe yiDA emhlanganweni womkhandlu.
Kuze kwalamula iPhini leMeya uNkk Fazwia Peer elisukumile lathi ingxabano ayiphele.
Ngemuva kwengxabano umhlangano uqhubekile.