Uxwayise ngezinhlaka ezingaphandle
UNOBHALA jikelele we-ANC, uMnuz Gwede Mantashe, uxwayise i-ANC Ekurhuleni, eGauteng, ukuthi ingasebenzisi izinhlaka ezingaphandle kwale nhlangano ukujezisa ilungu lePhalamende elisolwa ukuthi livotele ukungabethembi ubuholi bukaMengameli Jacob Zuma.
NgoLwesibili i-ANC Ekurhuleni itshele abezindaba ukuthi ifuna iLuthuli House ithathe ilungu layo uMnuz Mondli Gungubele izinyathelo ngokungalandeli imiyalelo yenhlangano evotini lika-Agasti 8.
I-ANC Ekurhuleni ayizange ithumele incwadi ehhovisi le-ANC eliseGauteng kodwa ileqile yacela ukuthi uGungubele ashushiwe yiLuthuli House ngaphandle kokwazisa ubuholi besifundazwe.
UNobhala we-ANC eGauteng, uMnuz Hope Papo, wathi bamxwayisile uGungubele futhi wathembisa ukuthi ngeke esasho izinto eziphambene nomgomo wenhlangano.
USihlalo we-ANC Ekurhueni, uMnuz Robert Mashego, uthe abahambisani nendlela aziphethe ngayo uGungubele, yingakho befuna aqondiswe ubugwegwe. UMantashe uthe abaseKurhuleni akumele bakhulume nobuholi bukazwelonke besebenzisa imithombo yezindaba kodwa kufanele balandele imigudu efanele.
Umkhulumeli we-ANC eGauteng, uMnuz Motalatale Modiba, uthe ngeke bakwazi ukuphawula ngalolu daba.
KHONAMANJALO, iCosatu izolo iveze ukuthi imatasa idingida udaba lokuzimela kweSACP okhethweni luka-2019. Kulindeleke ukuthi iCosatu ikhulume nabezindaba namhlanje, eGoli, ngokuthi izoyeseka yini iSACP uma izimela okhethweni.