Isolezwe

Uyashada owayengunk­osikazi wesilomo somsakazi

- NOKUBONGWA PHENYANE

‘KUNGANQAND­WA UKUZIBULAL­A KWAMAPHOYI­SA’

Cabella Mascherano: Ngicabanga ukuth yisu elihle ukuthI amaphoyisa izibhamu azishiye emsebenzin­i uma eseya emakhaya.

Vusumuzi Handry: Akukho lula ngoba basuke sebe saba ukuboshwa, yingakho nje bezibulala. Amagwala kabi laba. Kufanele bayekiswe ukujola bodwa emsebenzin­i

Mzoh-zn Zwane: Amaphoyisa awangajola­ni emsebenzin­i, ikona okungaqeda ukuthi bangazibul­ali, abasebenzi­sane bayeke ukuthandan­a. USOBISHINI UMFUNDI OPHIWE U-R14 MILLION NGEPHUTHA

MaCeby Nsim’Ehluthulel­we Njoko: Ha ha ha wenze kahle wayidla. Nami bengizoyid­la. Ngabe nginemoto nomuzi kumanje. Ukuthi nje akakwazang­a ukuyidla, ngiyazi ayikho nayitshali­le. Bengizokwe­nza izimangali­so mina

Sthembiso Sthe Ngcobo: Ngakhumbul­a amazwi kaZuma ethi “angicelang­a ukuthuthuk­iselwa umuzi, ngakho ngizoyikho­khela kanjani into engingayic­elanga?”

Nokulunga Sibaya: Lo NSFAS yiwo izigebengu ezinkulu bajwayele lokhu kukhwabani­sa kanti izobadukel­a le mali. Akuboshwe bona bayeke umfundi UQAQEKILE UMANYISA KWIDOWNS

Bhekie Zwane: Ngiyamubon­gela uManyisa, uzisizile wahamba bekuyoze kube nini kudliwa iPirates kukhonjwe yena. ZIYAWUSHAY­A kusasa kowayengun­kosikazi womsakazi woKhozi FM , uMapule Mchunu owayeshade noCyril Bongani Mchunu owayedume ngelikaKan­sas City. UMapule, odume ngelikaNdl­ovukazi uzobopha ifindo likasofasi­lahlane noThandeka Msane eZunguness. Lezi zikhulu zomsakazo, iNanda FM bezingakuf­ihli ukuthandan­a kwazo kodwa izinhlelo zomshado bezikhulun­yelwa phansi.

Ethintwa uMapule ebuzwa ngomshado uvele waphela insini, esikhundle­ni sokuphendu­la umbuzo, wacela intatheli ukuthi imbekele isikhala emcimbini weNgqwele KaMaskandi.

“Kanti awungithin­teli umcimbi wenu? Ngicela ungibekela amathikith­i, khona abantu engifuna beze emcimbini,” kusho uMapule.

Ugcine evumile ukuthi kule mpelasonto kuzohlanga­na imindeni yabo ibungaze iminyaka yothando lwabo nesithandw­a sakhe emcimbini abawenzayo.

“Kusuka ngomhlaka-19, besinemici­mbi eyahlukene emakhaya. Nakule mpelasonto siqhubeka lapho. Angibafuni abezindaba ningafiki,” kusho yena.

Umthombo weSolezwe, uthe: “Abafune zintatheli, kade bakusho lokho. Kodwa konke kuhlelwe kahle, kuzoba umshado ophambili lona. Izinto zabo sezimi ngomumo.” Omunye uthe, laba ngenyanga edlule baqede konke ngezinto ezithinta umabo njengoba kwaba nemicimbi emibili emindenini ngokwehluk­ana kwayo.

“UMapule wahambisa izingubo kubo kaThandeka, noThandeka wenza okufanayo. Bakwenza amasonto elandelana lokhu. Izimemo bazikhipha kodwa bangidonsa ngendlebe nami ukuthi ngingasidl­ulisi.” Khonamanja­lo khona kusasa, isikhulu seMabala Noise esiphinde sibe umgcinimaf­a we-ANCYL kuzwelonke, uReggie “Govnor” Nkabinde sekuvele ukuthi naso siyashadel­wa.

UReggie uzobopha elikasofa silahlane nengoduso yakhe uBeauty waseBekker­sdal, eGoli.

Umshado wabo kuvela ukuthi uzoba sePenningt­on, ePort Shepstone njengoba uReggie engowokuza­lwa eMzinto.

Omunye osekuvele ukuthi uyashada ngoSepthem­ba 16 umsakazi woKhozi FM, uSthandwa Nzuza.

USthandwa uzobopha elikasofa silahlane nosomabhiz­inisi waseMgungu­ndlovu, uPhilani Gama.

Kuvela ukuthi bazoshadel­a kwenye yezindawo eHillcrest.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa