Iyolala ibonene koweNgqwele kaMaskandi
KUZOLALWA kusasa sekwaziwa ukuthi ngubani ogcotshwe njengeNgqwele Kamaskandi emcimbini oseWorkshop Centrum Park, eThekwini. Angithi phela elamanqamu kusasa komaskandi abadlana imilala kwiNgqwele kaMaskandi, okungoMjikijelwa ‘Ichalaha LikaShafuza’ Ngubane, Khuzani ‘Indlamlenze’ Mpungose, Mthandeni ‘ Igcokama Elisha’ Manqele, Qhoshangokwenzakwakhe Sibisi, Indodakazi Yentandane, Mroza Fakude, Imfezemnyama, Amageza Amahle, Bahubhe noSaziwayo.
Kulezi zihlabani kuzophuma umculi ozoba yiNgqwele Kamaskandi, okunguye ozoklonyeliswa ngendondo ehambisana nenkomo, ukheshi ka-R20 000 kanye nevawusha yokuthenga ezitolo zakwaShoprite ngo-R10 000.
Osophikweni lwezokukhangisa kwiSolezwe uNksz Phumi Mkhize, uthe konke sekumi ngononina. “Sesilindele abathandi balo mculo ukuba bafike ngobuningi babo ukuze bazitike ngomculo wamaqhawe abo. Kuningi okuhle abazokuzuza esibahlinzekele ngakho. Abaphelele ngothi lwabo ngeke baze baphoxeke,” kuchaza uPhumi. Uthe amathikithi azobe esatholakala esangweni kulaba abangawathenganga ngesikhathi. Ngaphandle kwalaba baculi abakwiTop 10, kukhona nabanye abazobabhulela amazolo.
“Nabo sebezakhele igama kule ndima. Kubona kukhona nesibavumbulule emijikelezweni ebesiyenza emahostela nasemarenki ngesikhathi sisagqugquzela abantu ukuba bavote futhi bathenge namathikithi.”
Kubaculi abazobhula amazolo kukhona uMaha Radebe (13), Okuhle ‘Matshikiza’ Ngubane (8), Ubuhle Bezintandane, Malahle, Iduna Elimise Kahle, Mjikijeli,Amachube Amahle, Omakhedama, Mangcobo, Amabhekashiya, Indoni, Gadla Nxumalo, Gobiqolo, Ozungezwayo, Maskandi Ofundile, Nxakanxaka, Inkunzemnyama, Mzukulu kaSdwedwe, Umsindo Wezinja, Uglama Kamaskandi noScebi.
“Laba baculi bazoqala ukubhula amazolo kusukela ngo-10 ekuseni ngaphambi kokungena kwezinkunzi.” Abaphathi bohlelo ngumsakazi woKhozi FM uZimiphi ‘Zimdollar’ Biyela nomsakazi weZwi Lomzansi 98.0 FM u-Andile ‘MC Pholobas’ Ngcobo. Kunabanye abaculi abangabaliwe ngasenhla okulindeleke ukuba babonakale esteji ngenxa yokuthi banezingoma abazenze nezingwazi zalo mculo nabalandeli kulindeleke ukuba badlane imilala. Amathikithi okuthamela lo mcimbi abiza u-R80 esangweni.