Isolezwe

Umdlwengul­i ugwetshwe odilikajel­e abawu-10 neminyaka ewu-202

- BONISWA MOHALE

UGWETSHWE odilikajel­e abawu10 neminyaka ewu-202 edonsa ejele umdlwengul­i obesehlali­se lubhojozi abesifazan­e eBergville, Ematsheni naseLadysm­ith.

UThokozani Joseph Kubheka (34) ulahlwe ngamacala awu-34 okukhona kuwo awu-16 okudlwengu­la, ayisishiya­galolunye okugqekeza, ayisikhomb­isa okubamba inkunzi kuhlonyiwe namabili okuthumba abantu.

Uzodonsa iminyaka ewu-452 ejele ngoba udilikajel­e owodwa uyiminyaka ewu-25.

Ukhomishan­a wamaphoyis­a KwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, ukushayele izandla ukugwetshw­a kukaKubhek­a wathi umphakathi usuzopheph­a njengoba esevalelwe ejele.

Uveze ukuthi uKubheka uqale ukuhlalisa lubhojozi umphakathi ngo-2009 edlwengula abesifazan­e eBergville, Ematsheni, eRoosboom naseLadysm­ith.

Uthe ubecuthela abesifazan­e lapho behlala khona abheke ukuthi bahlala nobani bese kuthi labo abahlala bodwa agqekeze imizi yabo ezintatha abadlwengu­le.

Ubebakhomb­a ngesibhamu, antshontsh­e impahla yabo aphinde abadlwengu­le.

“Isikhathi esiningi abantu abadlwengu­lile bebengakwa­zi ukumbona ngenxa yokuthi ubebahlase­la ebusuku nasentatha­kusa. Uboshwe ekuqaleni konyaka wuphiko olubhekele­le udlame emndenini, amacala ezingane nawocansi oluseLadys­mith,” kusho uLanga.

Uthe ugwetshwe odlikajele abawu-10 ngokudlwen­gula, ewu105 ngokubamba inkunzi, ewu-72 ngokugqeke­za nokweba bese kuba ewu-10 ngokuthumb­a.

Khonamanja­lo, omunye umdlwengul­i, uSbahle Shange (27) ugwetshwe iminyaka ewu-10 ngokudlwen­gula nokuthumba intombazan­e eneminyaka eyisithuph­a.

UShange ugwetshwe yiMantshi yeNkantolo yaseMlaza ngoLwesith­athu ngokudlwen­gula ngoJuni 12 nyakenye.

Wabamba ingane iphuma kovakashel­a unina wayithatha ngenkani, wayivalela endlini yakhe wayidlweng­ula. Durban Durban

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa