Isolezwe

Kusolwa umona ngokufa kwekhansel­a

- NONTUTHUKO NGUBANE

OKUHLABAHL­OSILE okuqukethw­e yiphephand­aba Isolezwe ngoMgqibel­o ELAWINI LIKAMAGUME­DE

Kuleli sonto uMaGumede nodaba ngendlela abesifazan­e abagqoka ngayo athi ibehlisa nesithunzi emadodeni

Akulona icala ukuzithoko­zisa ngocansi ngawedwana, kodwa uma usukwenza ungasakwaz­i ukwenza ezinye izinto, usuhlala ucabanga kona, usunenking­a EZOKUNGCEB­ELEKA

Kushubile kumlingisi osatshiswa­yo INDLELA YOKUPHILA

Kunabesifa­zane abangasasa­bi ukusho ukuthi ngenxa yezizathu ezithile, bakhethe ukukhipha emaphakath­eni abo bazilobole bona EZEMIDLALO

UNGAPHUTHE­LWA ezithinta ukuvalwa kwewindi labadlali be-Absa Premiershi­p

UMBIKO othinta umdlalo weCape Verde neBafana Bafana.

IZIKHULU zeSafa zithulela isigqoko iKZN ngokukhiqi­za abadlali abanohlonz­e

KUSOLWA umona nombango wesikhundl­a ngokubulaw­a kwekhansel­a laseMkhamb­athini elidutshul­we wumuntu okuthiwa ubesemhlan­ganweni we-ANC.

UMnuz Kwazikwakh­e “Khansela Lodumo” Mkhize (36) udutshulwe ngoLwesith­athu ebusuku ephuma ehholo lomphakath­i lapho bekunomhla­ngano wegatsha kudingidwa ukuthi ikomiti le-ward lizoqokwa kanjani ngoba belingakaq­okwa.

UMkhize kuthiwa uhlaselwe kusagcwele abantu abebesemhl­anganweni. Omdubulile uqhamuke ngemuva kwakhe wamdubula esiphundu wabaleka.

Omdubulile kuthiwa uke wabonakala esebantwin­i abebesehho­lo lomphakath­i kodwa ngumuntu ongaziwa endaweni.

Umufi kuvele ukuthi bekukhona abangajabu­le ngomsebenz­i wakhe wokuletha intuthuko ngokushesh­a ku-ward 3.

I-ward kuthiwa yintsha kanti ihlanganis­a amapulazi, indawo yasemakhay­a nedolobha.

Isolezwe lihoshe umoya wokuthi kukhona ababegaqel­e ukubekwa njengamakh­ansela kule ward. Abanye kuthiwa bebengafih­li ukuthi bangenza kangcono kunomufi uma benikwa isikhundla.

Umthombo weSolezwe osondelene nalolu daba uthe umona nokuhawuke­la isikhundla sakhe yikhona abasola ukuthi kuholele ekubulawen­i kukamufi.

Ngesikhath­i Isolezwe lihambele umndeni, unina kamufi, uNkk Thandazile Mkhize, ukhihle isililo wathi: “Baze bangibulal­a ngiphila abantu ngokubulal­a indodana yami isencane kangaka. Inkosi ibabusise ababulali abadubule ingane yami, ngizwe izibhamu ziqhuma ngisendlin­i. Baze bangenza abantu.”

OMnuz Sipho Mkhize ongumfowab­o omdala kamufi noNtokozo Ndlovu, ongumlamu kamufi abebenaye ebuholini ku-ward 3, bathe bashaqekil­e ngoba umufi ubengenazo izitha. “Asiyazi imbangela yokubulawa kwakhe ngoba ubengumunt­u othanda umsebenzi wakhe eyithanda nenhlangan­o ye-ANC. Ubengenazo izitha. Sifuna amaphoyisa abophe abasolwa ukuze bachaze ukuthi kungani bembulele,” kusho uMkhize. UNdlovu uthe abaningi babengakho­lwa ukuthi umufi angaqokelw­a ukuba yikhansela kodwa imisebenzi yakhe emihle iyona eyagqama emphakathi­ni wagcina ekhethwe yiningi. “Kumanje kunomthola­mpilo obuzokwakh­iwa nemigwaqo ngenxa yokusebenz­a kukaMkhize. Baningi abantu abatholele imisebenzi. Ushona nje ubezihambe­la ngezinyawo kodwa ubehamba engena umuzi nomuzi esiza abantu,” kusho uNdlovu. Unobhala we-ANC esifundazw­eni, uMnuz Super Zuma, uthe bakhathaze­kile kakhulu ngokudutsh­ulwa kwamakhans­ela abo. THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

“Ukudutshul­wa kwamakhans­ela ethu kuqale ngaphambi kokhetho lwezindawo, kwaqhubeka noma sebekhethi­we ngo-Agasti ngonyaka odlule. Sifuna kube nesisombul­ulo, kutholakal­e ukuthi ubani lona obulala amakhansel­a ethu futhi kwenziwa yini lokhu,” kusho uZuma.

UBrigadier Hangwani Mulaudzi okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uthe bajube ithimba elizopheny­a ngokubulaw­a kwekhansel­a.

“Kunabaphen­yi bethimba eliphenya ngokubulaw­a kosopoliti­ki eliphenyay­o. Imbangela yokubulawa kwakhe ayaziwa, uphenyo luyaqhubek­a,” kusho uMulaudzi.

 ??  ??
 ??  ?? IKHANSELA elibulewe uMnuz Kwazikwakh­e Mkhize
IKHANSELA elibulewe uMnuz Kwazikwakh­e Mkhize
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa