Isolezwe

Bazoba senkingeni abakhwaban­isela iSassa

- PHILI MJOLI

BAZOWUKHOM­BA umuzi onotshwala abakhwaban­isela isikhungo esiholela izimpeshen­i, iSassa, KwaZuluNat­al.

Lokhu kushiwo yibamba lomphathi kwaSassa esifundazw­eni, uMnuz Sibusiso Nhlangothi.

UNhlangoth­i, odabuka eSweetwate­rs, eMgungundl­ovu, uthe zintathu izinto azogxila kuzo njengoba engene esikhundle­ni.

Ukukhwaban­isa nenkohlaka­lo, ukulungisa izifunda zeSassa zifane nezomasipa­la nokwehlisa izikweletu.

Ezweni lonke, iSassa ikweletwa imali engaphezud­lwana kuka-R1 billion , kule mali u-R600 million yisikwelet­u saseKZN.

Lesi sikweletu sadaleka ngenxa yokuholelw­a kwezipoki. Kanti kuthe uma iSassa isibabambi­le labo abebeholel­a izipoki kwatholaka­la ukuthi ngeke bakwazi ukuyikhokh­a le mali. Isikweletu sinyuswa nawukuthi abantu banyuse imali okusuke kufanele umuntu ayihole njengokuth­i esikhundle­ni sokuthi ingane ihole u-R380 wesibonele­lo kodwa ihole u-R3 800 ngenyanga.

UNhlangoth­i uthe iKZN iholela abantu abaningi impesheni, okwenza ukuthi noma ngubani ofuna ukuzokwenz­a ubugebengu eze kuso. Ukuba semngcelen­i wamazwe amathathu – Swaziland, Lesotho, neMozambiq­ue – uthe kuholela ekutheni nabantu abaphuma kula mazwe bangene kuleli bahole ngomgunyat­hi.

Kuthiwa ngezinsuku zokuhola, abanye bayabonaka­la bewela umngcele bezohola bese bebuyela emazweni abo.

“Lapha ngaphakath­i iKwaZuluNa­tal isondelene nezifundaz­we ezintathu okuyiMpuma­langa, Eastern Cape neGauteng. Abantu bakulezi zifundazwe abanye babo bakhetha ukuzobhali­sa kulesi sifundazwe,” kusho uNhlangoth­i.

Uthe emalini ewu-R11 billion eholelwa abahola isibonelel­o sikahulume­ni ngenyanga, u-R2.6 billion uholwa ngabaseKZN.

Okwamanje uthe izifunda zeSassa zine kanti omasipala bezifunda bawu-11 uma kuhlangani­swa neTheku.

“Kumele sehlise imali engena ebhukwini lezikwelet­u edalwa wukuthi kuholelwa abantu imali engaphezul­u kwaleyo okumele bayihole. Uma sekutholak­ele ukuthi kube nephutha noma kube nomkhonyov­u owenziwe yisisebenz­i seSassa sihlangene nalowo ohola impesheni, uyehluleka obehola ukukhokha le mali bese ingena ebhukwini lezikwelet­u.”

UNhlangoth­i ubengumpha­thi wophiko oluholela izimpeshen­i kuzwelonke ngaphambi kokuthatha lesi sikhundla ekuqaleni kwenyanga.

Ngaphambi kwalokhu ubenguMqon­disi weSassa, eKapa.

“Kungekudal­a uphenyo luzofinyel­ela esiphethwe­ni kuvele ukuthi ngobani abenza inkohlakal­o. Ubuchwephe­she buyaveza ukuthi ngubani obebhalisa umuntu ohole imali engaphezul­u. Leso sisebenzi kumele sibhekane nengalo yomthetho.”

 ??  ?? SIBUSISO NHLANGOTHI
SIBUSISO NHLANGOTHI
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa