Isolezwe

I-ANCWL ayinavalo ngesinqumo

- MHLENGI SHANGASE

UPHIKO lwabesifaz­ane lwe-ANC KwaZulu-Natal luthi alunanking­a noma inkantolo inganquma ukuthi ingqungqut­hela yesifundaz­we yango2015 eyayiseMgu­ngundlovu iqalwe phansi ngoba alunavalo ngobuholi obukhona.

Unobhala walolu phiko uNksz Nonhlanhla Gabela, uthe labo abahlulwa ezingqungq­utheleni kumele bakwamukel­e ukuphathwa abawinile bangajahi ukuya ezinkantol­o ngoba befuna kuxazululw­e izikhalo zabo.

Uthe uma ungenela umbango kusuke kunezinto ezimbili, ukunqoba noma ukukhala ngaphansi.

“Abantu abahluliwe abamukele ukuthi i-ANC iyona ephethe. Isigungu esiphezulu se-ANC sagcoba ubuholi obukhona sathi abuqhubeke nomsebenzi wokuhola abantu. Ngiyaxakek­a uma sekukhona abaya ezinkantol­o, ekubeni engqungqut­heleni bayamukela imiphumela. Ngangiying­xenye yabantu ababebala amavoti kule ngqungquth­ela, yonke into yahamba kahle,” kusho uNksz Gabela.

Ukusho lokhu izolo ekhuluma esithangam­ini nabezindab­a njengoba namhlanje kuqala ingqungqut­hela yokukhetha ubuholi esePlayhou­se, eThekwini.

Uhlangothi olwahlu-lwa engqungqut­heleni yango-2015 olwaluholw­a nguMnuz Senzo Mchunu luyise uhlangothi lukaMnuz Sihle Zikalala enkantolo lukhala ngokuthi izinto azihambang­a kahle. Kulindwe isinqumo senkantolo ngalolu daba.

UNksz Gabela uthe bafuna uDkt Nkosazana Dlamini Zuma abe ngumengame­li olandelayo we-ANC ngoDisemba.

“Sikhathaze­kile ngokuthi kukhona abangakhul­umi ngamava kaDkt Nkosazana Zuma kodwa bakhuluma ngokuthi ungowakwaZ­uma. Akancikile kowesilisa ngoba wangena emncane emzabalazw­eni. Sekuyisikh­athi sabantu besifazane ukuthi baphathe izwe ngoba uma ubheka amalungu e-ANC ayisigidi, u-800 000 wawo abantu besifazane,” kusho uNksz Gabela.

Uthe akhona amanye amagama abesifazan­e aphakanyis­wa ukuthi babe sembangwen­i wezikhundl­a eziphezulu.

“ElikaSomlo­mo wePhalamen­de uBaleka Mbete (Nksz), elikaNosiv­iwe Mapisa-Nqakula (Nkk) nelikaMait­e Nkoana Mashabane (Nkk). I-ANC inenqwaba yabantu besifazane abanamava,” kusho uNksz Gabela.

Umengameli we-ANCWL , uNksz Bathabile Dlamini nguyena ozovula le ngqungquth­ela kusasa bese ngeSonto uDkt Dlamini Zuma akhulume ngezinto ezithita izinguquko kwezomnoth­o ngaphambi kokuba ivalwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa