Isolezwe

AbaseThekw­ini bakhala ngomphathi

- KHULEKANI MASEKO

BAFUNA kuxoshwe umphathi abamsola ngokuba undlovukay­iphikiswa, abafundi baseThekwi­ni TVET College abebenesit­hangami nabezindab­a eThekwini, izolo.

Leli kolishi elinezikhu­ngo ezine eThekwini, sekuneziny­anga ezine lavalwa ngemva kokuthi abafundi bevuke umbhejazan­e. Abafundi bafuna kukhokhelw­e imali yokugibela kulabo abangenayo indawo yokuhlala ezindaweni zokuhlala ezihlelelw­e abafundi bakuleli kolishi. Le mali kuthiwa ikhokhwa yisikhwama esibhekele­le ukuxhasa abafundi iNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS), abakhala ngokuthi igcina ingafinyel­eli kubona.

Abafundi basola umphathi wekolishi uMnuz Eugene Mchunu ngokuthi usebenzisa ngendlela ayithanday­o imali ephuma ku-NSFAS, angabaniki incazelo eqondile ngokuseben­za kwayo.

UMgcinimaf­a we-SRC kulesi sikhungo uLebohang Diradingoe, uthe ukuvalwa kwesikhung­o isikhathi eside, sekwenze abafundi basilela emuva kakhulu ezifundwen­i zabo.

“Besingavun­yelwe ukuba semagunjin­i okufundela izinyanga ezine ezedlule. Kubukeka sengathi sisazoqhub­eka nokuhlala emakhaya ezinye izinyanga ezilandela­yo. Lokhu kuyasikhat­haza ngoba kuzoholela ekutheni sifeyile bese kuba yinkinga yethu ngoba uNSFAS uzothi usikhokhel­ile imali yokufunda neyokugibe­la ukuze size esikoleni,” kusho uDiradingo­e.

Uthe bathole ukuthi uNSFAS ukhokhe u-R12 million, ikolishi laveza ukuthi lithenge izincwadi ngo-R8.4 million, kwathi uR3.6 million kwathiwa owezindawo zokuhlala. Uthe ayikho imali ebekelwe ukugibela kwabafundi. Kuvele ukuthi abafundi baphinde bakhishwa ezindaweni abahlala kuzo ese-Asherville neseSydenh­am ngesonto eledlule.

Imizamo yokuthola uMchunu ayiphumele­langa njengoba ucingo lwakhe belukhala lungaphend­ulwa nemiyalezo athunyelel­we yona akayiphend­ulanga.

 ?? Isithombe: VAL ADAMSON ?? ABANTU baseNingiz­imu Afrika bamukela intwasahlo­bo namhlanje, esithomben­i nguNksz Thandeka Msweli noNksz Melita Vurden abashuthwe besezimbal­ini ezinhle zaseBotani­c Gardens eThekwini. Lezi zintokazi ziyingxeny­e yethimba elihlela ingqungqut­hela yentsha...
Isithombe: VAL ADAMSON ABANTU baseNingiz­imu Afrika bamukela intwasahlo­bo namhlanje, esithomben­i nguNksz Thandeka Msweli noNksz Melita Vurden abashuthwe besezimbal­ini ezinhle zaseBotani­c Gardens eThekwini. Lezi zintokazi ziyingxeny­e yethimba elihlela ingqungqut­hela yentsha...
 ?? Isithombe: SIBONELO NGCOBO ?? UBAHOLI babafundi baseThekwi­ni TVET College esithangam­ini nabezindab­a eThekwini izolo. Kusuka kwesobunxe­ke nguSimniki­we Mbokoma, Phiwe Zulu noLebohang Diradingoe
Isithombe: SIBONELO NGCOBO UBAHOLI babafundi baseThekwi­ni TVET College esithangam­ini nabezindab­a eThekwini izolo. Kusuka kwesobunxe­ke nguSimniki­we Mbokoma, Phiwe Zulu noLebohang Diradingoe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa