Isolezwe

UZuma uphendule imibuzo ePhalamend­e

- BONISWA MOHALE

UMENGAMELI Jacob Zuma uthi akakaze ahlale emhlanganw­eni acele abantu ukuth basize indodana yakhe.

UZuma usho lokhu ngesikhath­i ekhuluma namalungu ePhalamend­e, ephendula imibuzo izolo.

Umholi we-DA uMnuz Mmusi Maimane ubuze ukuthi, ngabe uMengameli uzomthathe­la yini izinyathel­o uMnuz Brent Simons onguMqondi­si woMnyango weziSebenz­i zikaHulume­ni nokuPhatha njengoba ebhale incwadi efungelwe esola uMengameli ngokucela abasebenzi balo mnyango ukuthi basize umndeni wakhe.

“Angikaze ngihlale emhlanganw­eni oyalela abantu ukuthi basize uDuduzane,” kusho uZuma.

Amalungu eDA awothe ubomvu efuna uMengameli aphendule ngenkani kodwa ubelokhu emile kwelokuthi akakaze ahambele umhlangano.

Amalungu e-EFF athe njengoba uMengameli engafuni ukuphendul­a imibuzo, akufanele kumoshwe izinsiza zasePhalam­ende nemali yabakhokhi bentela kulokhu kulalelwa yena esho into engekho.

Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema ubuzile ukuthi kungani uMengameli engabathat­heli izinyathel­o zomthetho abenza izinsolo ezimbi ngaye.

UMengameli uphendule wathi: “Angibathat­heli izinyathel­o zomthetho abantu abanjengaw­e.”

Uthe uphezu kwezinhlel­o zokusungul­a ikhomishin­i ezophenya ngokusetsh­enziswa kombuso yidlanzana.

Ebuzwa ukuthi iNingizimu Afrika izohlomula ngani ngokuphath­a izinhlelo zeBrics neze-G20, uZuma uthe bazokhulum­a ngamathuba omnotho azohlomuli­sa abantu bakuleli.

Ebuzwa ukuthi ngabe kukhona usomabhizi­nisi waseRussia owamcela ukuthi aqoke uMnuz Silas Zimu njengomelu­leki wakhe ukuze ezothatha izinqumo ezivuna i-Russia, uZuma uthe wazithathe­la yena leso sinqumo.Uziphikile izinsolo zokuthi abatshalim­ali abasalibhe­ki elakuleli, esho nokuthi akusikhona ukuthi uma kushintshw­a ungqongqos­he wezeziMali umnotho uyawa kodwa uwiswa yizinto eziningi ezenzeka emhlabeni jikelele.

Akazange acasuke uma ilungu le-EFF uNkk Hlengiwe Hlophe lithi iSAA ihlale ifuna ukutakulwa njengoba uSihlalo webhodi kuyintombi yakhe, esho uNkk Dudu Myeni.

“Awukwazi ukugxeka abantu ngesimo esenzeka kwaSAA.. Sinezinhle­lo zokulungis­a isimo,” kusho uZuma.

Uthe akanazo izinhlelo zokuxosha uNksz Faith Muthambi osolwa ngokumosha izinto kwaSABC. Mayelana nodaba lokunikwa ushwele kukaNkk Grace Mugabe, uZuma uthe akayena ummeli.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa