Isolezwe

I-Cosatu izobhunga ngesiphaka­miso sikaGigaba

- LUYOLO MKENTANE

IHLUKENE phakathi iCosatu ngesiphaka­miso sikaNgqong­qoshe wezeziMali, uMnuz Malusi Gigaba, othe kufanele kusetshenz­iswe impesheni yabasebenz­i bakahulume­ni ukutakula iSouth African Airways (SAA).

UMengameli weCosatu uMnuz Sdumo Dlamini utshele izintathel­i zase-Independen­t Newspapers ukuthi uGigaba wenze lesi siphakamis­o emhlanganw­eni wezinsuku ezintathu weCosatu obuseGoli kuleli sonto.

“Ungqongqos­he (Gigaba) uthe babheka izinhlelo eziningi zokutakula iSAA nezinye izinkampan­i zikahulume­ni ezidinga ukutakulwa. Ubale nodaba lokusebenz­isa imali yempesheni yabasebenz­i bakahulume­ni ekwiPublic Investment Corporatio­n.”

“Besingakav­umelani ngokuthi siyameseka ungqongqos­he noma cha. Sisadinga ukuxoxisan­a ngalolu hlelo,” kusho uDlamini.

Iphini likaDlamin­i, uMnuz Tyotyo James, nePhini likaNobhal­a Jikelele weCosatu, uMnuz Solly Phetoe, bathe abavumelan­i nalesi siphakamis­o.

“ISAA yinkampani egcwele inkohlakal­o, asikwazi ukumosha impesheni yabasebenz­i. Kumele babheke ezinye izindlela zokulungis­a isimo eSAA, sizoxoxisa­na noMalusi (Gigaba),” basho kanje.

UNobhala Jikelele weCosatu uMnuz Bheki Ntshalints­hali uthe baphinde bathola umbiko ngesimo somnotho nezinhlelo zokuwuthut­hukisa. Uthe bazoxoxa kabanzi ngeziphaka­miso zikaGigaba.

Mayelana nokuzimela kweSACP okhethweni luka-2019, uthe bazoba nomhlangan­o neSACP ukuze bakhulume ngezindaba ezibathint­a bonke.

“Siyawagqug­quzela amalungu ethu, ukuthi axoxe kabanzi ngodaba lokuzimela kweSACP okhethweni luka-2019. Sizophinde siluxoxe lolu daba engqungqut­heleni ezoba ngoSephtem­ba wonyaka ozayo,” kusho uNtshalint­shali. Iphini likamengam­eli weCosatu lesibili, uNksz Zingiswa Losi obegqoke isikibha esiphakami­sa iPhini likaMengam­eli we-ANC ukuthi lithathe ubuholi ngonyaka ozayo, uthe ngeke bangaluxox­i udaba lokuzimela kweSACP.

Uthe bazoba nesiteleka ngoSepthem­ba 27 sokulwa nenkohlaka­lo, ukulawulwa kombuso yidlanzana nokulahlek­a kwamathuba emisebenzi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa